Inkakha yePirates novalo ngekusasa lomqeqeshi weqembu

Lubhalwe nguMichael Madyira

Lowo owayengumdlali wasemuva we-Orlando Pirates u-Edward Motale unomuzwa wokuthi umqeqeshi uJose Riveiro angase angakwazi ukudlula kule sizini.

Njengoba iPirates izabalaza ukwenza izinto ngendlela efanayo akuqinisekiwe ukuthi izofinyelela yini emigomweni yayo kule sizini.

IPirates izibekele umgomo wokubuyela e-Afrika kanti lokho kudinga ukuthi ibalwe emaqenjini amathathu aphezulu noma iwine i-Nedbank Cup kanye ne-CAF Confederation Cup.

Leli qembu lase-Soweto kungenzeka ukuthi seliqalile ukubheka ezinye izindlela zokubuyela emuva uma kwenzeka uRiveiro engakwenzi abamcele ukuthi akwenze.

Kodwa uMotale utshele iPirates ukuthi ikubhekisise kahle ukuqasha umqeqeshi olandelayo.

Lo kaputeni owawina i-CAF Champions League ngo-1995 uthi iPirates kufanele ikugweme ukuqasha kabusha abaqeqeshi bayo bakudala njengoba iKaizer Chiefs yenza ngoStuart Baxter no-Ernst Middendorp.

“Ngokubona kwami ngicabanga ukuthi kufanele babheke kwenye indawo,” kusho uMotale etshela i-Scrolla.Africa.

“Angisiboni isidingo sokuqasha umqeqeshi oseke waba khona noma ngabe waphumelela. Ngicabanga ukuthi lento yokuqasha abaqeqeshi abake basebenza eqenjini elifanayo yiyona ebulala ibhola lethu kuleli.

“Yingakho sizungeza futhi sibambeke endaweni eyodwa. Uma becabanga ukuxosha umqeqeshi okhona kungcono

kubhekwe ongakaze asebenze kuleli qembu phambilini.”

IPirates yagcina ukuqasha umqeqeshi ngo-2017 lapho okwaqashwa khona uMilutin Sredojevic okwesibili ngemuva kokusebenzela leli qembu ngo-2006.

UMotale akakholwa ukuthi lowo owayengumqeqeshi wabo uRoger de Sa uzoletha inqwaba yesipiliyoni ngemuva kokusebenza e-Egypt nase-Saudi Arabia njengesekela likamqeqeshi uCarlos Queiroz.

“Wayesebenza ngaphansi komuntu futhi ethatha imiyalelo kumqeqeshi ophezulu,” kusho uMotale. “Ngakho-ke, angicabangi ukuthi uDe Sa kufanele abuye.

“Njengoba ngishilo, yikho lokhu okubulala ibhola lethu. Kufanele siqhubeke sithuthuke.”

UDe Sa waqeqesha iPirates kowamanqamu we-CAF Champions League ngo-2013.

Esithombeni esingenhla: UJose Riveiro

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva