Inkakha yeKwaito uDoc Shebeleza usephumile e-ICU

Lubhalwe nguRorisang Modiba

● UDoc Shebeleza ongumculi odumile weKwaito uyalulama ngemuva kokuhlinzwa kanti usekhishiwe e-ICU.

● Lesi sihlabani (51) sigule isigubhukane ngesikhathi silungiselela ukuyonandisa e-Soweto.

Isihlabani se-kwaito uDoc Shebeleza uyalulama ngemuva kokuxinwa ukugula isigubhukane nokuyinto eholele ekutheni alaliswe esibhedlela.

Lo mculi (51) ogama lakhe langempela nguVictor Bogopane, usekhishiwe e-ICU kulandela ukuhlinzwa esibhedlela saseGoli.

Okhulumela umndeni uShakes Mavundla uzwakalise ukushaqeka ngendlela impilo yakhe eshintshe ngayo ngokushesha.

“Ngishaqekile ngoba ubebukeka ejabule futhi ewumqemane elungiselela umcimbi we-Aboguluva e-Soweto, kodwa sinethemba lokuthi uzobuyela esimweni sakhe ngemuva kokuhlinzwa,” kusho uMavundla.

Umndeni ucele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakhulekele lesi sihlabani njengoba sisalulama. Abangani embonini yomculo bathi uthola ukwelashwa okungcono kakhulu.

UShebeleza waduma ngeminyaka yango-1990 ngezingoma ezishisa izikhotha ezithi Ebumnandini nethi Kumnandi Lana. Usekhuthaze abaculi abaningi abasebancane endimeni ye-Kwaito.

Lena inselelo enkulu yezempilo okwamanje, kodwa umndeni wakhe usanethemba lokuthi uzolulama.

Esithombeni esingenhla: UDoc Shebeleza.

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva