Inkakha yebhola ifisa ingane yayo ilandele ezinyathelweni zayo

Lubhalwe nguMichael Madyira

Inkakha yeKaizer Chiefs, uPatrick Mayo usememezele iqembu phakathi kweKaizer neMamelodi Sundowns  angathanda ukuthi indodana yakhe uKhanyisa alijoyine.

Umgadli we-Cape Town City, uKhanyisa umataniswa nezinkunzi zase-Soweto neSundowns ngemuva kokujabulela isizini njengomshayi magoli ohamba phambili e-Premier Soccer League ehambisana noPeter Shalulile.

Kodwa usanda kusayina inkontileka yeminyaka emihlanu kwi-City okuphinde kwenyuse izinga lakhe emakethe. Nakuba iSundowns yaziwa ngokushintsha imali emakethe yokudayiselana ngabadlali, uMayo ubona sengathi indodana yakhe izoba ngcono kuChiefs.

“Ngebhadi usevele wasayina isivumelwano ne-Cape Town City,” kusho uMayo etshela i-Scrolla.Africa.

“Yebo, kusobala ukuthi ngiyamkhuthaza ukuthi ayodlalela iKaizer Chiefs ngoba sikhuluma nje iChiefs ayinaye umgadli. Angangena kalula kuChiefs.”

IKaizer ithwale kanzima kule sizini esanda kuphela njengoba umshayi magoli ohamba phambili kuligi, uBonfils-Caleb Bimenyimana eshaye amagoli ayisikhombisa, amane aqhamuke kumaphenalthi. 

IChiefs iqeqeshwa ngu-Arthur Zwane owayenguzakwabo kaMayo, oqale ukugxekwa ngemuva kwesizini engazange ibe impumelelo.

UMayo uchazile ukuthi kungani engahambisani nendodana yakhe ukuthi ijoyine iSundowns. “Cha, ngeke ngimkhuthaze ukuthi ahambe ayojoyina iSundowns,” kusho uMayo.

“Njengamanje uyasithola isikhathi somdlalo lapho ekhona. KuSundowns, nginesiqiniseko sokuthi uzodlala imidlalo emihlanu noma eyisithupha ngemuva kwalokho, angeke alithole elinye ithuba.”

ISundowns inabagadli uShalulile, uCassius Mailula no-Etiosa Ighodaro ababebanga umklomelo we-PSL Golden Boot ngesizini edlule.

Umgadli wase-Nigeria u-Ighodaro ubebolekiswe kuChippa United kanti kulindeleke ukuthi abuyele e-Chloorkop ngesizini ezayo.

Njengoba uLebohang Maboe, uThabuso Kutumela, uGift no-Abubeker Nasir kungenzeka babekhona ngekota ezayo, iSundowns ivele inenqwaba yabagadli.

Isithombe esingenhla: UKhanyisa Mayo ongumgadli weCape Town City

Umthombo wesithombe: ICape Town City

Izihloko zakamuva