Inkakha yeBafana ithipha oweDowns njeng’ovelele

Lubhalwe nguMichael Madyira

Esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili kuzobe sekuvuleka iwindi lomkhankaso we-PSL ka-2022/23, kanti inkulumo-mpikiswano isiqalile yokuthi ubani umdlali ovelele.

Yize sekuphonswe amagama ahlukene omqeqeshi ohambe phambili, abadlali abasebancane abahamba phambili kulonyaka neminye imikhakha, sekuyikho okukhulunywa ngakho emkhakheni webhola lezinyawo.

Owayengumdlali wasemuva weBafana Bafana uMatthew Booth usechazile ukuthi kungani ekholelwa ukuthi umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns uTeboho Mokoena ufanelwe umklomelo womdlali ovelele kwi-Premier Soccer League.

Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMonnapule Saleng, uMokoena nozakwabo kuSundowns uPeter Shalulile nabo kuthiwe bagaqele lo mklomelo omkhulu.

“Kimina, munye kuphela umdlali, futhi lowo nguTeboho Mokoena,” uBooth etshela i-Scrolla.Africa.

“Uma ngibheka izibalo, uhamba phambili emikhakheni emine noma emihlanu. Konke kukhomba ukuthi ungumdlali wesizini.

“Ngicabanga ukuthi abadlali abasondele kuye kungaba uSaleng, uShalulile, nomdlali wasemuva weSundowns uKhuliso Mudau yibona ababe nesizini enhle.”

USaleng ube nesizini eyimpumelelo njengoba kuze kube manje usefake amagoli ayishumi kwi-PSL, kanti uShalulile nguyena ohamba phambili eshadini labashayi magoli.

UBooth uphinde wethula udaba lwakhe ngoMokoena, wathi lesi sihlabani seSundowns sesikulungele ukubhekana nenselelo entsha e-Europe.

“Ngicabanga ukuthi usekulungele ukudlula, kodwa kusobala ukuthi kuncike ekutheni ufunani empilweni,” kwengeza uBooth, owayedlala e-Russia.

“Kunzima ukuthi ngithi akahambe, kodwa ngiyafisa ukumbona ehlala kuleli ukuze siqhubeke nokumbuka.

“Kodwa ngokombono wokuzithuthukisa ngingabakhuthaza abadlali ukuthi baye phesheya kwezilwandle ngesinye isikhathi. Ngethemba ukuthi bazolithola ithuba.”

UBooth ukhethe abadlali be-PSL abangcono kakhulu kule sizini, wadidiyala uhlelo lokudlala i-4-2-3-1.

Unozinti: URonwen Williams (Mamelodi Sundowns)

Umdlali wasemuva kwesokudla: UKhuliso Mudau (Mamelodi Sundowns)

Umdlali wasemuva odlala phakathi nendawo: UTapelo Xoki (Orlando Pirates)

Owasemuva odlala phakathi nendawo: UTaariq Fielies (Cape Town City)

Odlala kwesokunxele emuva: UDivine Lunga (Golden Arrows)

Umdlali wasesiswini ophakathi: UTeboho Mokwena (Mamelodi Sundowns)

Umdlali wasesiswini: USandile Mthethwa (Stellenbosch)

Umdlali wasesiswini ohlaselayo: UJunior Mendieta (Stellenbosch),

Odla phambili: UMonnapule Saleng (Orlando Pirates)

Odlala Phambili: UCassius Mailula (Mamelodi Sundowns)

Odlala phambili: UPeter Shalulile (Mamelodi Sundowns)

Izihloko zakamuva