Inkakha inxusa abadlali banyuse amasokisi

Linda Ximba

USiyabonga Nomvethe unxuse abagadli bakuleli ukuthi bakhuphule amasokisi baqede ukuhlulwa ozakwabo bakwamanye amazwe.

Umgadli weBafana Bafana uNomvethe ungowokugcina waseNingizimu Afrika ukuwina indondo ye-Golden Boot Award emqhudelwaneni ophambili waseMzansi wathola indondo ngamagoli angu-20 ngesikhathi esemabhukwini e-Moroka Swallows eminyakeni engu-11 edlule.

Kusukela lapho abagadli bangaphandle yibona abazitholela lendondo.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-Scrolla.Africa uNomvethe uncome umshayimagoli ovelele kule sizini ongumgadli we-Sundowns, uPeter Shalulile ngokushaya kwakhe amagoli.

“Kodwa angikholwa ukuthi asinabo abagadli abafana naye. Ngicabanga ukuthi abafana bethu bakhululeke kakhulu futhi abazikhandli ngokwanele,” kusho uNomvethe.

UShalulile odabuka e-Namibia usethubeni lokuthatha lo mklomelo njengoba enamagoli angu-22 emidlalweni engu-27.

Uma engashaya amagoli angaphezu kwamathathu emidlalweni esele ye-Sundowns, uzophula irekhodi likaCollins Mbesuma wase-Zambia lamagoli angu-25.

UMbesuma uphule irekhodi ngesikhathi edlalela i-Kaizer Chiefs ngesizini ka-2004 no-2005.

UNomvethe ubonge uBenni McCarthy owamcela ukuba abe ngumsizi wakhe kuMaZulu.

“Ngiyambonga uBenni obefuna ngisebenze naye kusukela esagijima ne-Cape Town City. Kumanje ngisebenzela ukuthola amabheji asezingeni eliphezulu njengoba nginelayisensi ye-Caf D.”

Scrolla World Cup Quiz