Inkakha igxeka uBroos ngamabatha

Menzi Magubane

Inkakha ye-Kaizer Chiefs, uDoctor Khumalo, usole ubuholi be-SA Football Association (Safa) kanye nomqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos ngokuhluleka kweBafana Bafana.

Ngonyaka odlule iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lakhishwa ekuseni emidlalweni emibili ebalulekile yokuhlungela imiqhudelwano, owe-Africa Cup of Nations ngoMbasa kanye noweNdebe yoMhlaba ye-FIFA ngoLwezi.

I-Afcon ibibanjwe ngasekuqaleni kwalonyaka e-Cameroon, kanti iNdebe yoMhlaba izosingathwa yi-Qatar ngoLwezi.

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ntambama, uKhumalo uthe iBafana Bafana ayikaze izibeke ethubeni lokuhlungela imidlalo njengoba ibibashaya indiva abadlali bayo abahamba phambili.

Uthe uBroos ubashaya indiva abadlali beMamelodi Sundowns, okuyiqembu eliphumelele kakhulu ezingeni lamaqembu kuleli.

“Awukwazi ukukubalekela okwenziwa yi-Sundowns. Iqembu elingcono kakhulu kunawo wonke. Linabadlali abangcono kunabo bonke. Uya kanjani emdlalweni onzima ushiye abadlali engikholelwa kakhulu ekutheni bebezokwenza umehluko.?” Kusho uKumalo ekhuluma nabezindaba.

Wenze isibonelo ngomdlalo wabo wokugcina wokuhlungela iNdebe yoMhlaba lapho iBafana Bafana eyakhishwa khona yi-Ghana ngoLwezi nyakenye. UKhumalo uthe noma ngabe izinqumo ezingaphusile zayisiza i-Ghana kodwa uBroos washaya isikhala.

“Ngoba ayikho indlela yokuthi u-Ethan Brooks angadlala ekuhambeni ne-Ghana futhi asinikeze imiphumela kodwa u-Andile Jali ekhona, engumdlali onamava.”

Lo mdlali owake wagijima kuBafana uphakamise ukuthi iqembu lesizwe liyahluleka ukubuyisa isithunzi sakudala ngenxa yokushoda kobuholi ku-Safa.

Uthe ukuba khona kwabadlali bakudala beBafana Bafana ezikhundleni zokuhola ze-Safa bekuzokwenza umehluko omkhulu njengoba bebezokwazi ukweluleka uBroos.

“Ngosizo lwezinkakha  bekuzokwenza umehluko,” usho kanje.

Izihloko zakamuva