Sizwe Sibiya
Inkampani kaBig Zulu yokuqopha umculo iNkabi Records isiphenduke intandokazi ngemuva kokusayinisa abaculi abashisa izikhotha eNingizimu Afrika.
UMduduzi Ncube, uSiya Ntuli noLwah Ndlunkulu bonke bahlanganyele ndawonye ukwakha iqembu eliqinile kuleli.
Le nkampani iqhubekile nokukhipha amavidiyo omculo ashisa izikhotha ngevidiyo yayo yakamuva ethi-“Home” ingoma eculwa uLwah Ndlunkulu.
Ingoma ethi-“Home” ingoma yokuqala kaNdlunkulu esitebeleni futhi uyicula nomculi oshisa izikhotha osafufusa ophinde abe ilungu leNkabi Records, uSiya Ntuli. Le ngoma iphinde ifake uSjava owawina umklomelo we-BET Award ngo-2018.
Le ngoma iphume emasontweni ambalwa ngemuva kokuthi le nkampani ikhiphe ividiyo yomculo kaMduduzi ethi “Langa Linye”.
ULwah Ndlunkulu waqala ukujabulisa abantu abaningi ngo-2021 ngesikhathi ecula engomeni kaBig Zulu ethi “Umuzi e-Sandton”, esibukelwe ngabantu abangaphezu kwabangu-4 million ku-YouTube.
Ingoma yakhe entsha asanda kuyikhipha ethi, “Ikhaya” iyingoma ekhuluma ngokubuyela ekhaya ukuyoxolisa ngemuva kweminyaka ahamba.
Ividiyo yomculo ihlezi kunombolo-20 kumashadi omculo asabalalayo ku-YouTube, kanti isubukelwe ngabantu abangaphezu kwabangu-34,000.
Umthombo wevidiyo: YouTube