Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Baphithene amakhanda abantu baseMakhowe eHluhluwe ngokubulawa ngesihluku kukathisha nonina abaklajwe ngembazo badutshulwa maqede bashiselwa endlini amadoda amathathu angaziwa.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngoLwesibili emini ngesikhathi uNksz Nonhlanhla Mabusi Manqele (40) obefundisa esikoleni samabanga aphansi eBhokloza eMtubatuba obevakashele unina uNkk Saraphina maMkhize Manqele (80) obezomthengela igilosa nezingane zakhe njengoba othisha bebeholile.
Kuthiwa uMabusi uzwakale eqhuma ngesililo ememeza laba besilisa ebuza ukuthi bambulalelani unina ngoba ngabe bathatha noma yini abayifunayo.
Lamadoda kuthiwa avele ajikela kuMabusi amdubula kwezwakala izwi lakhe lishonaphansi.
Indodana yakhe uMabusi okunguBayanda eneminyaka engu-15, kuthiwa iphume ngesamagundane sebeyidubulile bayithela ngophethroli bethi bayayishisa kodwa yakwazi ukubaleka ingakashi yaze yayocasha kwamakhelwane.
UMeya waseMkhanyakude okunguMnuz Siphile Mdaka ophuma kwaManqele uthe bashaqekile ngabakuficile njengoba laba besifazane bebulawe ngesihluku esingachazeki.
“Ukubona laba besifazane bebulawe kabuhlungu kanje ngesikhathi lapho silwa nokuhlukunyezwa kwabesimame nezingane. Siyafisa amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla ukubamba abenzi bobubi,” kuchaza uMdaka.
UMnuz Jamson Manqele ongubaba omncane wakwaManqele uthe ubehleli kwakhe ezidlalela umculo emsakazweni ngesikhathi kufika ingane yakhe igijima futhi yethukile.
“Ifike lapha yamemeza yathi silinele umsakazo ekubeni kubulawa uMabusi nonina. Sithe siyaphuthuma kodwa kwacaca ukuthi nathi sisengozini ngoba inganono ibilokhu iqhume njalo ekhaya kwaManqele. Imoto ebilethe igilosa ijike ngesikhulu isivinini yashaya yachitha ngoba nomshayeli ebona ukuthi kubi inhlamvu idla lubi. Umfana lo omncane uBayanda usizwe ukuphunyuka ngoba kuyacaca ukuthi naye bebezomshisa njengoba efike enenxeba le nhlamvu engalweni emanzi te uphethilolu,” kusho uManqele.
Uthe bayokhohlwa befile ngesihluku abasibonile ngoba uMabusi nonina uMaMkhize bashe bangqongqa endlini engirawondi yotshani abadutshulelwe begenciwe.
Abanye omakhelwane abebephithene amakhanda bathe kukhona izinsolo zokuthi lokukuhlasela kuhambisana nezinsolo zokuthakatha kodwa akekho ofuna ukuphumela obala ngazo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe baphenya amacala amabili okubulala, elokuzama ukubulala nelokushisa.