Injabulo umsubathi wase-Zambia ethola eyegolide

Dylan Bettencourt

Umsubathi wase-Zambia uMuzala Samukonga uzuze indondo yegolide okokuqala ngqa emdlalweni yama-Commonwealth kumqhudelwano wabesilisa ka-400m.

Nokho phakathi nesasasa lempumelelo yakhe eyingqopha-mlando umfana oneminyaka engu-19 ubudala ukhubeke ebhodini lezikhangiso njengoba ubegijima eceleni ukuze athathe ifulegi lase-Zambia!

Ugcine esephuma enkundleni ehamba ngesihlalo esinamasondo.

Uqede ngesikhathi esihle kakhulu semizuzwana engu-44.66 futhi uSamukonga ubengeke angakwazi ukujabulela impumelelo yalkhe ingakho evuke wazithatha ukuze athole indondo yakhe yegolide.

Umfutho omkhulu owakhishwa umsubathi walimaza umzimba. Ukuwela umugqa wokuqeda kukhombise ubunzima emilenzeni yakhe njengoba avele wawa phansi ngenxa yobuhlungu.

Imilenze kaSamukonga bekubonakala ukuthi ibingekho esimeni esihle njengoba ubejabula nabalandeli base-Zambia.

Nokho isimo sakhe sibe ngcono wakwazi ukuthatha indondo yakhe yegolide.

USamukonga ongumpetha wase-Afrika ubengakaze agijime lo mjaho esikhathini esingaphansi kwemizuzwana engu-45 ngaphambi kokuthi afike emidlalweni ebise-England.

Lo mdlali osemncane ugijime imizuzwana engu-44.89 kowandulela owamanqamu ngaphambi kokuthi enze kahle kakhulu kowamanqamu atholele yena nesizwe sakhe indondo yegolide osekunesikhathi beyilindele.

Yize eshaye isikhathi esiningi emdlalweni owandulela owamanqamu akekho obelindele ukuthi uSamukonga awele entanjeni kuqala. Noma sekusele u-100m lo msubathi odabuka e-Zambia ubesalele emuva kakhulu, kodwa wafaka umfutho wokugcina wakwazi ukunqoba. 

Ukufaka umfutho wokugcina  mhlawumbe bekungaphezu kwamandla akhe, kodwa kumsebenzelile njengoba isizwe sakhe siziqhenya ngaye.

USamukonga ubebonakala ukuthi uvukwa umunyu ngesikhathi uMatt Hudson-Smith wase-England ophume endaweni yesibili emduduza.

Umthombo wesithombe: @BusinessRecorder

Izihloko zakamuva