Injabulo umsubathi wakuleli eyogijima kwi-Lake Biwa Marathon 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi wama-Olimpiki uStephen Mokoka ulibangise kwi-Lake Biwa Marathon yase-Japan ngethemba lokuthi uzokweqa kuqala entanjeni.

Ngo-2020, uMokoka waphuma isibili kulo mqhudelwano kwathi ngo-2019 waphuma kwinombolo yesithathu. 

Lo msubathi oneminyaka engu-38 ubudala ophuma kwi-Boxer Athletics Club uthe ukuqeqeshwa kwakhe kuzomvumela ukuthi enze kahle emigwaqeni yase-Otsu ngomhlaka-26 kuNhlolanja.

“Bengiziqeqeshela lo mjaho kanzima, kodwa akuyona into entsha leyo. Ngihlale ngiziqeqesha kanzima uma ngilungiselela umjaho futhi nginethemba lokuthi ngizofinyelela kuyo yonke indawo,” kusho ophethe irekhodi likazwelonke le-half marathon.

UMokoka wenze kahle kakhulu nyakenye. Wanqoba i-Runified ka-50 km eGqeberha ngesikhathi eqopha umlando ka-2:40:13 okumenze waphetha unyaka ngokunqoba iCape Town Marathon.

“Nginomlando omuhle e-Japan futhi imiphumela iyazikhulumela, ngibe nezikhathi ezimbi kuma-Olympics Marathon. Ngiyethemba ukuthi ngizokhiqiza umsebenzi omuhle e-Japan,” engeza.

UMokoka uqeqeshwa ingqwele yezokusubatha kuleli uMichael Seme.

Kuyo yonke imiqhudelwano aseyingenele cishe iminyaka engamashumi amabili, uMokoka usewine i-Shanghai Marathon amahlandla amane, wawina kathathu kuCape Town Marathon.

Osesithombeni esingenhla: UStephen Mokoka

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva