Injabulo umsubathi wakuleli eyogijima kowaseKenya

Lubhalwe nguThathe Msimango

UTshepo Tshite uthe kuyinhlanhla engandele bani ukumenywa ukuba azoqhudelana nabasubathi abasezingeni lomhlaba kumqhudelwano we-Kip Keino Classic Continental Tour e-Kenya.

Uhlelo lwesine lomqhudelwano lugcwele abasubathi abasezingeni eliphezulu okubalwa kubo ompetha bama-Olympics uShelly-Ann Fraser-Pryce, u-Andre De Grasse noMary Moraa.

UTshite ongumpetha kazwelonke wakuleli osanda kushintshela ku-1,500m esuka ku-800m, uzobhekana ngqo nompetha womhlaba ka-2019 uTimothy Cheruiyot kanye noMohammed Katir wase-Spain, othole indondo yethusi ku-World Championship e-Oregon ngonyaka odlule.

UTshite oneminyaka engu-25 ubudala useke wagijima isikhathi esingu-3:33:02 kulo nyaka futhi ufinyelele kowandulela owamanqamu ka-800m ngesikhathi se-World Athletics Championship yango-2019.

“Kuzwakala njengephupho ukuyobhekana nabasubathi engibahlonipha kakhulu.”

“Ngijabule kakhulu ukumenywa kulo mqhudelwano nazo zonke lezi zihlabani ezizobe zihlabana ngezindondo. Namanje akukholakali uma ngicabanga ngaleli thuba.”

Uthe uyamhlonipha kakhulu uTimothy Cheruiyot osehlale esicongweni iminyaka.

“Ngahlangana naye ngo-2019 e-Doha ngesikhathi somqhudelwano womhlaba yize sasingagijimi ibanga elifanayo. Ungumsubathi osezingeni lomhlaba futhi uzobe egijima phambi kwezihlwele zakubo. Kodwa leli ithuba elingandele bani.”

UTshite uqeqeshwa nguSamuel Sepen owake waqeqesha uCaster Semenya kanti uzilolongela eNyuvesi yasePitoli. Uthe ukugijima ngokucophelela yikhona akuphokophele kulo nyaka.

“Angifuni ukuxhamazela kulolu hlelo, inhloso enkulu esixoxe ngayo nomqeqeshi ngokucophelela,” kusho uTshite.

“Ngimusha ekugijimeni ibanga elide ngakho akumele ngizigqilaze ngokweqile. Ngiyafisa ukuphumelela emijahweni futhi nginethemba kuzokwenzeka. Kule mpelasonto inhloso yami ukugada ijubane lami futhi ngijabulele nomjaho.” Akufisa kakhulu ukungena kuma-Olympics ka-2024 e-Paris, e-France.

“Ngizilungiselela ama-Olympics angonyaka ozayo ngakho-ke, kulo nyaka ukuzijwayeza ibanga elide. Izikhathi engizigijimayo zikhomba ukuthi ngisethubeni lokungenela umjaho wama-Olympics.”

Isithombe esingenhla: UTshepo Tshite

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva