Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Injabulo ibibhalwe ebusweni ehholo lomphakathi laseTsuga e-Samora Machel, eKapa njengoba imndeni engaphezu kuka-50 ibithola amaphasela okudla abedingeka kakhulu avela kwi-Brotherhood Social Club ngoMgqibelo.
Le nhlangano eyasungulwa ngo-2014 yenza umehluko ezimpilweni zabesilisa abasebasha nabantu abangasebenzi emphakathini.
UMengameli wale nhlangano uMncedisi Sogwaqa ugcizelele ukubaluleka kokusiza abesilisa abasebasha ukuthi babe ngabantu abadala abangcono nokuqinisekisa ukuthi abantu abadala nabaswele bathola ukwesekwa abakudingayo.
Uchaze wathi “Asikwazanga ukuvumela abantu bakithi balambe futhi asikwazi ukuhlala sisonge izandla ngoba nakhu sizitshela ukuthi bathola izibonelelo zempesheni yabadala.” Imali ayenele kwabanye abantu. Badinga usizo futhi i-Brotherhood iqinisekisa ukuthi banokudla okwanele kwenyanga.
I-Brotherhood Social Club inikeza ithemba abantu abangasebenzi, ibasiza ekutholeni imisebenzi iphinde isize abafana abancane abasakhula abangenabo obaba ukuthi ibafundise ukuziphatha ngendlela efanele.
USogwaqa wengeze ngokuthi, “Asikwazi ukulinda abaholi bezepolitiki ukuthi basisize lapho esingakwazi ukusiza khona.
Amalungu omphakathi azwakalise ukubonga ngokwenziwe i-Brotherhood. UPriscilla Ngamlana (56) odayisa emgwaqeni ekuqaleni ubengakholwa ukuthi amaphasela okudla awamahhala.
Uthe, “Wonke umuntu wenza okuthile ukuze athole okuthile. Ngesikhathi besinikeza amaphasela amahhala bengicabanga ukuthi kukhona abazokufuna kuthina, kodwa okungimangazile ukuthi konke abakwenzile bekuqhamuka ekujuleni kwezinhliziyo zabo.”
UNgamlana ujabulile ukwazi ukuthi imali ayithola ngokudayisa inyama izomsiza anakekele umndeni wakhe ngenyanga ezayo.
UKhunjulwa Sifuba oneminyaka engu-54 ubudala odayisa emgwaqeni uthinteke ngomusa we-Brotherhood. Wathola itafula elinezihlalo wathi, “Ukuthola itafula elinezihlalo kubantu abaqhamuka kwamanye amalokishi kukhombisa ubuholi noBuntu. Abantu bakithi abanandaba nathi, kodwa abantu bakwezinye izindawo bakhombisa uthando.”
UNowayilesi Tengile (68) oyisakhamuzi ubonge kakhulu ngamaphasela okudla. Uthe, “Imali yempesheni ayanele. Ukudla esikuthengayo akwanele ukusithwala ukuthi siqede inyanga futhi angeke sikukhohlwe abasenzela khona.”
UBongiwe Mateta (47), umama okhulisa yedwa izingane ezinhlanu, uzwakalise ukumangala ngokuthola ukudla ngaphandle kokukusebenzela.
Ngokuvamile uvuka ngovivi ayofuna amatoho ukuze athengele umndeni wakhe ukudla. “Okwenziwe i-Brotherhood kukhulu futhi siyakubonga.”
Isithombe esingenhla: I-Brotherhood Social Club efunge yagomela ukuthi izoqhubeka nokusiza umphakathi
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze