Injabulo umphakathi ufakelwa ugesi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Eminyakeni emine edlule imindeni engaphezu kuka-700 emijondolo yase-Elephant Park e-Wells Estate, e-Gqeberha ibikhokha u-R200 ngenyanga ukuxhuma ugesi ngokungemthetho.

Kodwa ngoLwesithathu, ukukhokhela ugesi kube into edlule njengoba i-Nelson Mandela Bay yamukele uhlelo lwayo olusha lokufakwa kukagesi ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.

Selokhu zahlala e-Elephant Park ngo-2018 izakhamuzi zibe nezivumelwano ezizimele zokukhokha imali yanyanga zonke ezindlini zomxhaso ezingomakhelwane ukuze zikwazi ukuxhuma ugesi ngokungemthetho.

Uyise wezingane ezimbili oyisakhamuzi uSimphiwe Molaphekoa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kudingeke ukuthi asebenzise imali yesibonelelo sikahulumeni yezingane zakhe ukukhokha imali engu-R200 ukuze ahlale endlini ekhanya ugesi. 

“Ngikhululekile futhi ngiyajabula ukuthi angisakhokheli ugesi kwabanye abantu. Sengingakwazi ukusebenzisa lo-R200 ukuze ngenzele izingane zami izinto.”

Kusukela ngoLwesithathu   amamitha kagesi wekhadi azofakwa emzini ngamunye.

Uphiko lukagesi namandla kuMasipala waseNelson Mandela Bay luvule ngokusemthethweni uhlelo olusha lokufakwa kukagesi.

Esinye isakhamuzi uVuyiswa Funani uthe nakuba bekujabulele ukuthi bagcine sebenawo ugesi, kodwa bamanqikanqika ukususa ukuxhunywa kwabo ngokungemthetho njengoba sekumele balinde isikhathi eside ngaphambi kokuthi uMasipala ufeze isethembiso.

“Ngeke ngiqambe amanga siyajabula ukuthi ekugcineni sinawo ugesi, yize singabokugcina kulo mphakathi ukuthola ugesi. Kudingeke ukuthi silinde isikhathi eside ukuze sithole ugesi.” Uthe bayanqikaza ukususa ugesi ongekho emthethweni kuze kuxhunywe yonke imijondolo.”

ULance Grootboom wakwamasipala uthe lezi zakhamuzi zihlomule ohlelweni olusha lokufakwa kukagesi kuleli dolobha olusebenza kanzima ukunqanda ukuxhunywa ngokungemthetho nokucekelwa phansi kwempahla.

“Le mishini emisha izovimbela izakhamuzi ukuthi ziphazamise amamitha azo. 

Siphinde sashintsha amakhebuli ethusi safaka awe-aluminium ukuze silwisane nokwebiwa kwamakhebula nokucekelwa phansi kwempahla,” kusho uGrootboom.

Ngokusho kukaGrootboom, lo msebenzi wethulwa njengengxenye yomzamo wokunciphisa ukulahleka kukagesi nokuqinisekisa ukutholakala kwenzuzo esikhathini esizayo.

“Amakhasimende anikezwe ithuba lokuzibika ngokwawo zonke izinhlobo zokuphazanyiswa kwengqalasizinda kagesi ngesiqiniseko sokuthi zonke izimali ezikhokhwayo nezikhokhiswayo zizohoxiswa.”

Isikhathi sikashwele sizosebenza kusukela ngomhlaka-21 kuLwezi kuya mhla zizinye kuNhlolanja ngonyaka ka-2023 ngemuva kwalokho umasipala uzothatha izinyathelo ezinzima uma kukhona obanjwe ephazamisa le mishini.

Isithombe esingenhla sikhombisa kufakwa amakhebuli kagesi

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva