Injabulo umculi waseNigeria eqokwa kuma-Oscars 

Lubhalwe ngumbhali weScrolla

Umculi wase-Nigeria uTems usethubeni lokugoduka nendondo ye-Oscar ngeSonto ebusuku.

UTems uqokwe kanye noRihanna emkhakheni we-Best Original Song engomeni ethi “Lift Me Up” efakwe kwifilimu ye-Black Panther: Wakanda Forever.

Le ngoma eyabhalwa uTems, uRihanna, uRyan Coogler kanye noLidwig Göransson, iyingoma ehamba phambili emculweni we-Marvel blockbuster futhi baningi abayithandayo.

Abazophumelela kuma-95th Academy Awards bazomenyezelwa ngeSonto e-Dolby Theatre e-Los Angeles.

UTems, ogama lakhe kunguTemilade Openiyi, uzoba umculi wokuqala wase-Afrika ukuwina kulama-awads.

UJonas Gwangwa waqokwa ngo-1987 kwathi uHerbert Kretzmer waqokwa-2022.

UTems akulona igama elisha kubalandeli be-Afropop.

Kepha unyaka ka-2023 kube unyaka omkhulu kuye.

Uqale unyaka ngenothi eliphezulu ngesikhathi ewina indondo ye-Grammy ngeqhaza lakhe engomeni kaFuture ethi “Wait For U” ehlanganisa uDrake.

Le ngoma ethi-I Never Liked You iphume ku-albhamu  yesishiyagalolunye kaFuture ekhishwe nyakenye. 

Ngaphambi kokuba aqokwe noma awine indondo ye-Best Rap Song kanye ne-Best Melodic Rap Performance”, uTems wabuye waqashelwa ukubhala kwakhe izingoma kwi-albhamu ka-Beyonce ethi “Renaissance”.

Lo mculi uhlomule ngezindondo ezihlonishwayo kulo nyaka okubalwa i-BET Awards, i-Soul Train Music Awards kanye ne-National Association for the Advancement of Colored People (NAACP) Image Awards kanye namanye.

Ngemuva kokuduma umhlaba wonke, umakadebona we-rap waseMelika uSnoop Dogg wahlangana  naye. 

Lo mrepha (51) wenze isicelo sakhe ngevidiyo esabalale kuMasingana.

Ukungena kukaTems esikhaleni somculo wase-Nigeria kwakungu-2020, engomeni kaWizkid eyashisa izikhotha ethi “Essence,” kusukela akabange esabheka emuva.

Waphinde wathola udumo ngesikhathi ebonwa noJay Z noBeyonce emcimbini waminyaka yonke we-Roc Nation pre-Grammy Brunch kuNhlangulana.

Ngemuva kokuwina kwakhe kuma-Grammys, uDJ Khalid ohlangane nalo mculi ngemuva kokuklonyeliswa kwakhe, uthe kuye: “Angazi noma uyakwazi yini lokhu, kodwa ngingumlandeli wakho omkhulu,” ube esecela ukumanga.

UDJ Khalid naye uzwakalise intshisekelo yokusebenzisana noTems.

Ubungacabanga ukuthi ukunqoba kwakhe ama-Grammy kungaba umlando omkhulu emzuzwini wakhe womculo, kodwa angase abhale igama lakhe emlandweni wama-Oscars.

Yize lo mkhakha usubone abanye abaculi besifazane abaningi bezuza okuningi, kodwa akekho oke wakwenza noma wazuza ngesikhathi esifushane kangaka.

UTems angeke adume njengo wesifazane ophuma e-Nigeria kuphela, kodwa uzoba inkanyezi enkulu ezwenikazi.

Izihloko zakamuva