Injabulo umakadebona womsubathi esayina inkontileka 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi we-Ultra-Marathon uSolicitor  Manduwa (47) usesayine inkontileka yakhe yokuqala emsebenzini wakhe. 

Ngemuva kochungechunge lwemidlalo emangalisayo egijima ngaphansi kwePhantane Athletics Club, uManduwa unikezwe inkontileka yonyaka ne-Intsika Athletics Club.

Nyakenye uManduwa ukwazile ukuphuma endaweni yesishiyagalombili ku-Comrades Marathon ngesikhathi esingu-05:46:10. Okumangalisayo ngokugijima kwakhe ukuthi eneminyaka engu-47 bekuyena umsubathi omdala oqede phakathi kwabantu abayishumi futhi wathola indondo yegolide kulo mqhudelwano. 

UManduwa owaphuma endaweni ka-16 kwi-Two Oceans Marathon ka-2022, uthi iminyaka yakhe ifana nenombolo nje kuye.

“Ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukusayina inkontileka ne-Intsika. Lokhu kusho lukhulu kumina. Ekugcineni abantu bayayibona indlela engigijima ngayo,” etshela i-Scrolla.africa.

“Ngangazi ukuthi amaqembu azofuna ukungisayina ngemuva kokuthi ngenze kahle ku-Comrades Marathon njengoba bekuwumjaho omkhulu emhlabeni futhi bekubalulekile ukuthi ngizimisele.”

Njengoba aqala ukugijima ephakathi kweminyaka engu-30 ubudala, lo msubathi ongowokuzalwa e-Malawi waqala ukuheheka kulo mdlalo ngesikhathi ebona abasubathi beziqeqesha yena ematasa edlala ibhola.

“Ngangingumdlali webhola osezingeni eliphezulu. Inkundla esasiyisebenzisa yayinomzila ngakho-ke nsuku zonke abasubathi abethutheleka khona bezoziqeqesha,” kusho uManduwa osebenza njenge-machine oparator kwa-Trox South Africa.

“Ngazibuza ukuthi yini  engangivimba ukuthi ngijoyine ukugijima?’”

Waxhumana noWillie Mtolo owawina i-New York Marathon ukuze amcije ngezokugijima. 

“Ngaqala ukugijima ngo-2011, kodwa ngaqala ukuzimisela kakhulu ngo-2019 futhi ngabona ukuthi sengikulungele ukungenela imiqhudelwano. Bekuyisinqumo esingcono kakhulu kimi ukuthi ngishintshe.”

Njengoba iminyaka ikhula isakhamuzi saseMgungundlovu sicabanga ukuthi sisenawo amandla okwenza okungcono.

“Ngigxila kimina nalokho engikwazi ukukwenza kangcono kakhulu. Ngiziqeqesha nabafana abancane, kodwa angizami ukugijima ngejubane labo, ngigxila ekubeni ngcono usuku nosuku.”

“Okuhle ngami ukuthi ngidla ukudla okunempilo, imifino eminingi futhi ngidla nezithelo eziningi, engicabanga ukuthi zizongisiza ukugcina umzimba wami usesimweni esihle,” kusho uManduwa oveze ukuthi ukhiye wokuphila kwakhe isikhathi eside ukuhlezi ephuza amanzi. 

Isithombe esingenhla:  USolicitor  Manduwa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva