Nothando Makhubela
Ngesikhathi ekhankasela i-ANC ngonyaka ka-2018 ezinyangeni ngaphambi kokhetho lukazwelonke iPhini likaMengameli uDavid Mabuza wathembisa ugogo isihlalo esinamasondo esizishintshayo.
Kodwa kuthathe iminyaka emine ukuphusha nokuncenga ukuthi uSelina Mnguni oneminyaka engu-65 agcine ethole isihlalo esinamasondo asidinga kakhulu.
Yomibili imilenze kaMnguni yanqunywa eminyakeni edlule njengamanje usesebenzisa imilenze yokufakelwa, kodwa ukuhamba kunzima kakhulu kuye.
UMnguni akakaze ambone ngisho uMabuza owayenguNdunankulu wase-Mpumalanga, selokhu enza isithembiso kuyena.
Kodwa-ke umgxekile ngoLwesihlanu ngesikhathi evela kwimbizo kaNdunankulu uRefilwe Mtshweni-Tsipane phambi kwamakhulu ezakhamuzi zase-Senotlelo ebezihambele ukuzwakalisa izikhalo zazo.
UMtshweni-Tsipane, ovale ngokushesha ihlazo leqembu, uphendule uMnguni wathi: “Ngizibophezele ekutheni isihlalo esinamasondo ngoMgqibelo ngehora leshumi ekuseni uzosithola. Senginayo inombolo yakhe ngisacela ushiye ikheli lakho ukuze sizosiletha isihlalo esinamasondo.”
“Ngiyabonga ngokuphakamisa udaba konke okushoyo kuyiqiniso ngoba nguwe osezinhlungwini.”
Ngenkathi silandelela isithembiso sikaMtshweni-Tsipane, i-Scrolla.Africa sithole isiqiniseko kuMnguni ubejabule njengoba egcine esitholile isihlalo sakhe esinamasondo esizishintshayo.
“NgoMgqibelo uNdunankulu uMtshweni-Tsipane uthume abantu ukuthi bazongilethela isihlalo sami esizihambelayo, ngijabule kakhulu ngoba bengisebenzisa induku futhi bekubuhlungu nokuhamba ngoba imilenze yami yomibili inqunyiwe manje sengisebenzisa imilenze yokwenziwa.”
Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule, okhulumela uMabuza uMatshepho Seedat ubuyisele i-Scrolla.Africa ehhovisi likaNdunankulu wase-Mpumalanga.