Lubhalwe nguMashudu Mabila
UCassper Nyovest uqophe umlando omuhle onyakeni ka-2022 ngokuhlabana ngendondo yakhe yokuqala ngqa ye-GQ Man of the Year ehlwitha umklomelo we-Entertainer of the Year kwiphephabhuku labesilisa elihlonishwayo.
Umrepha uNyovest ogama lakhe langempela nguRefiloe Maele Phoolo unempelasonto azohlezi eyikhumbula njengoba ngeSonto evezwe njengowine indondo ebibhekwe ngabomvu.
Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kosuku lwangoLwesihlanu isihlabani saseMelika uKelly Rowland sincome lo mrepha ku-IOL emchaza njengomprepha ohamba ophambili.
UNyovest ungene ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto exoxa ngalokho okungaba indondo yakhe enkulu yokugcina ayithole onyakeni.
Kwi-akhawunti yakhe ye-Instagram ufake isithombe nevidiyo emfushane ehambisana nombhalo othi, “uNkulunkulu usekwenzile futhi sekuyisikhathi eside ngikufisa lokhu.”
Ukuwina kwakhe akumethusi uma kubhekwa umthelela abe nawo embonini yomculo nyakenye nakulonyaka.
Kungakhathaliseki ukuthi kwakuwukwethulwa kwemidlalo yesibhakela yosaziwayo bakuleli noma ukubuya kwemicimbi yakhe ehlonishwa kakhulu i-FillUp, uNyovest uhlale ekwazi ukumaketha igama lakhe.
Uphinde waphakamisa igama lakhe ngokukhipha iteku le-Root of Fame nesiphuzo esidakayo i-Billiato.
Bambalwa kakhulu asebeze basondela ezingeni lakhe.
Okwenzekile kufike njengesipho sikaKhisimusi sokuqala. Nangempela uzitholele isipho sikakhisimusi ephethe ubucwebe ngesikhathi eveza konke lokhu ekhasini lakhe lenkundla yezokuxhumana.
Isithombe esingenhla ngesikaCassper_nyovest
Umthombo Wesithombe: ZAlebs