Injabulo owamabhayisikili esayina inkontileka nethimba lompetha

Lubhalwe nguThathe Msimango

Isihlabani samabhayisikili asezintabeni esisafufusa u-Unathi Nxumalo usayine inkontileka yokugibela amabhayisikili nethimba lomjaho i-Pump for Peace.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala ujoyina uFaranak Partoazar kanye noTumelo Makae njengoba leli qembu  lizakhela lona udumo emhlabeni jikelele.

UNxumalo okhulele elokishini lase-Hammarsdale ngaphandle kweTheku ungumkhiqizo wohlelo lokuthuthukisa amabhayisikili KwaZulu-Natal oluphethwe nguJohann Wykerd osengumqeqeshi wakhe.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola inkontileka naleli qembu elimangalisayo. Angikaze ngicabange empilweni yami ukuthi ngingazuza into enkulu kangaka empilweni yami,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngicabanga ukuthi okubalulekile kumele nginikele ngaso sonke isikhathi sami kwezemidlalo bese kulandela izinto ezinhle. Kusukela ngaqala ukugibela ibhayisekili ezintabeni, bengifunda izinto ezintsha nsuku zonke. Njengoba ekugcineni ngithole ithuba lokuthola inkontileka kusakhombisa khona ukusebenza emijahweni.”

UNxumalo unemidlalo aseyizuzile ngendlela emangalisayo. Ngo-2021 ubemele izwe emqhudelwaneni we-World UCI Championship e-Italy kanti nyakenye uphume endaweni yesihlanu ku-African Continental MTB Championship ebise-Namibia.

“Le nkontileka izongivumela ukuthi ngingene emiqhudelwaneni yochungechunge lomhlaba. Lokho kusho ukuthi ngizokwenza eminye imijaho yamazwe ngamazwe ukuya phambili. 

Lena into ebengiyiphupha kusukela ngisemncane ukuhambela umhlaba wonke futhi ngihlangane nabashayeli bamabhayisikili abahamba phambili.”

Ngaphandle kokubamba iqhaza emijahweni yamazwe ngamazwe inhloso kaNxumalo kusewukuphinda agqoke imibala yezwe.

“Ama-World Champs azoba ngoMfumfu e-Scotland, ngakho-ke uma ngingaba ingxenye yesikwati ngingajabula. Ngiyazi uma ngisebenza kanzima ngingalifeza lelo phupho.”

Osesithombeni esingenbla: Unathi Nxumalo

Umthombo wesithombe : Sithunyelwe

Izihloko zakamuva