Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Bekwinjabulo yodwa ezinganeni zasemijondolo yaseThabo Mbeki ngesikhathi isibhedlela i-Groote Schuur eKapa siziphathele izipho.
Abanye bebeqala ngqa ukuthola izipho kanti baphinde badla isidlo no-Father Christmas.
U-Alaric Jacob wasesibhedlela uthe lesi sikhungo sinomkhankaso waminyaka yonke nomncintiswano wokupheka.
“Abasebenzi bayapheka, sidayisa ukudla futhi ngemali esiyenzayo sibusisa izinhlangano ezisiza umphakathi. Kuyindlela yokubuyisela emphakathini,” kusho uJacob.
Ngalolu suku abasebenzi bebedlala nezingane, bezixoxela izindaba ezihlekisayo baphinde badla isidlo sasemini nazo ngaphambi kokuba bazinike amathoyizi.
UJacobs utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isibhedlela siyazwelana nezingane ezisuke ziswele ingakho behlala beqinisekisa ukuthi bayaphuma benze ushintsho.
“Ukunikeza injabulo nothando kuyinto ebaluleke kakhulu futhi ukubona izingane zijabule kuyinto eza kuqala kithi.”
Isibhedlela sesineminyaka emihlanu senza lo msebenzi. Unyaka nonyaka bakhomba inhlangano esiza abantulayo abanikela kuyo ngezimpahla ezifana nokudla, izinto zokwakha noma izinto zebhola likanobhutshuzwayo.
UMnu Buzwe Kali ongumholi womphakathi nomsunguli wenhlangano iMzila Omhle, uthe ubonga kakhulu ngeminikelo abayitholile esibhedlela.
“Abantu abaningi abazi ukuthi izibhedlela azinakekeli abantu abagulayo kuphela, kodwa nalabo abadinga usizo.
Ukuthola izipho zikaKhisimusi kwenza le nhlangano yabona ukuthi bakhona abantu ababakhathalele abantulayo.
“Ukubona izingane zimamatheka bekuyigugu futhi kusijabulisile ukubabona bejabulele ukudla kanye namathoyizi abo.”
Ilungu lomphakathi likushayele ihlombe lokhu okwenziwe isibhedlela sikwenzela izingane eziswele.
“Akumele bakubheke njengento encane lokhu, ngoba izingane eziningi bezingazitholi izipho. Kukhulu kubo lokhu okwenzekile.”
Abanye bebejabulele ukubona u-Father Christmas edlala nabo. “Bengingazi ukuthi izibhedlela zenza into efana nalena futhi uyangijabulisa umsebenzi wazo.”
Isithombe esingenhla siveza abasebenzi basesibhedlela i-Groote Schuur benikeza izingane izipho ngaphambi kukaKhisimusi
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze