Injabulo ngentuthuko eqhubeka KwaBhaca

Zukile Majova

Noma ngubani osanda kudlula edolobheni la-KwaBhaca e-Eastern Cape engavuma ukuthi kukhona okushintshayo kuleli dolobhana lasemaphandleni.

Kuvulwa imisele osekuphele iminyaka inganakwa.

Ngemuva kwazo zonke iziphepho ezinkulu, amaqembu abantu abasha abasebenza kuMasipala wendawo Umzimvubu asebenza njengebutho eliphumelelayo futhi elinenjongo efanayo.

Kusanda kuqashwa intsha engaphezu kuka-400 ukunakekela idolobha, ukugcina amapaki alo ehlanzekile.

Eminyakeni edlule, abantu bakulendawo bebehamba baye kwamanye amadolobha ngoba befuna impilo ngcono.

Kodwa kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule abantu ba-KwaBhaca babone ukuzimisela okungapheli ukuthuthukisa leli dolobha nokudala amathuba omsebenzi kubantu abasha.

Kubukeka sengathi ngaphambi kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa acabange ukubhala inkulumo yakhe echaza isimo sezwe; uqale wahambisa uhlelo lokuletha izidingo kubantu ba-KwaBhaca.

Futhi khona lapha odabeni lokulethwa kwezidingongqangi, izinkulumo ezakhelwe kahle ziyize uma zingalethi izinguquko zangempela.

Imeya esanda kukhethwa uZukiswa Ndevu usedume ngokwenza izinto zenzeke.

Cishe wonke amadolobhana akulesi sifunda ahlaselwe yiziphepho ezinamandla nezilimazayo kusukela ngoZibandlela. Kodwa namuhla, ukuhlelwa kwemigwaqo nokufakwa kabusha kwemigwaqo exhuma imiphakathi yasemakhaya nedolobha sekuqediwe.

Eminyakeni emine ilandelana, lo masipala uthole umbiko kuMcwaningi Mabhuku Jikelele angagculisi.

Kodwa ngesonto eledlule lo masipala uthole umbiko omuhle oqinisekisa ukuthi izinto seziqala ukwenziwa ngendlela efanele.

Ukulangazelela kukaMengameli Ramaphosa ngokuphothulwa kwePhrojekthi yamanzi yase-Umzimvubu ebiza izigidigidi ezingu-15 kuletha ithemba ezinkulungwaneni zabantu abasha abangasebenzi esifundeni.

Okunye okusithintayo kulezi zingxenye isimemezelo sokuthi umkhakha wokukhiqiza insangu uzothuthukiswa futhi udale namathuba emisebenzi.

Izihloko zakamuva