Injabulo ngamagumbi ezinzwa kweyoMhlaba 

INdebe yoMhlaba ye-Fifa e-Qatar yethule amagumbi ezinzwa ukuze kuvunyelwe abalandeli abanezidingo zemizwa ukuthi bazizwele okwenzeka enkundleni.

Komunye walaba balandeli uYassine Chahboub (35) wase-Morocco, umsindo wesixuku uvame ukwenza kube nzima ukwazi ngokwenzeka emidlalweni ebukhoma.

“Angikaze ngicabange ukuthi ngingakwazi ukweseka iqembu lami ikakhulukazi kwiNdebe yoMhlaba. Ngesikhathi ngizwa ukuthi i-Qatar ihlinzeka ngamagumbi angenawo umsindo engingakwazi ukuhlala kuwo uma kuba nomsindo omkhulu, ngiye ngabhukha amathikithi ami ngokushesha,” kusho uChahboub, kubika i-Fifa kwabezindaba.

I-Fifa isebenze nezinhlaka zakuleliyazwe ukwakha amagumbi ezinkundleni zezemidlalo i-Al Bayt, e-Lusail kanye ne-Education City e-Qatar.

Amagumbi avumela abalandeli abanezidingo zemizwa ukuthi babukele imidlalo ezindaweni elawulwa ngobuchwepheshe obusizayo.

Amagumbi akhelwe ukudala umuzwa wokuzotha kubalandeli ngemisebenzi eyahlukene ukuze basuse ingcindezi yesixuku, noma emdlalweni uqobo.

Amagumbi abuye avumele abalandeli ukuthi baphumele ngaphandle baye phakathi enkundleni ukuze babanike ithuba lokuzizwisa ubumnandi ngokugcwele ngosuku lomdlalo.

Kukhona neminyango ephumela ezinkundleni ukuze abalandeli bathole umuzwa ogcwele wosuku lomdlalo.

U-Abdel Al Awad ukhulume ngokubaluleka kwamagumbi abantu abanezidingo zemizwa abafana nomfowabo u-Ibrahim (13).

“Kuyangijabulisa ukubona u-Ibrahim enikwa ithuba lokuhambela imidlalo yebhola. Uyawuthanda umdlalo futhi uhlezi ejabule uma siya enkundleni.

“Yize ekuthanda ukubona okwenzakalayo nemisindo yokuba enkundleni, kwesinye isikhathi kuba nzima kuye. Njengengane ene-autis izinzwa zayo zingasindwa kakhulu kodwa la magumbi anezinzwa enza akwazi ukulalela umdlalo,” kusho u-Al Awad.

Kukho konke okungahambanga kahle e-Qatar ngesikhathi kwakhiwa izinkundla zezemidlalo ngisho nangesikhathi seNdebe yoMhlaba, ukwengezwa kwamagumbi abanezinkinga zemizwa kuyinto enhle kakhulu kulaba balandeli emhlabeni wonke.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: Igumbi lezinzwa kwiNdebe yoMhlaba e-Qatar

Umthombo wesithombe: FIFA

Izihloko zakamuva