Injabulo kwethulwa umtholampilo wabesilisa eShowe

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kwethulwe umtholampilo omusha wabesilisa eShowe eKZN ozobhekelela izigulo zamadoda kuphela.

Lo mtholampilo oseduze kwerenki yamatekisi, unabasebenzi besilisa kuphela.

Isizathu salo mtholampilo omusha sibekwe obala ngesikhathi sePhalamende labesilisa ebelihlelwe ngumasipala wendawo uMlalazi eMkhuphulangwenya ngoLwesibili.

Abesilisa basemaphandleni bachaze ukuthi bebemanqika ukuyofuna usizo lwezempilo emitholampilo ngoba besaba ukuhletshwa ngabahlengikazi ngezifo zabo.

Kwezinye izimo ezimbi kakhulu abesilisa bebethi bancamela ukugulela emakhaya bese bezibeka engcupheni yokushona kunokuvakashela imitholampilo, ngaleyo ndlela bagwema ukuhletshwa ngabahlengikazi ngoba kungadala ukuthi balahlekelwe isithunzi sabo emiphakathini yabo.

UMphatheni Mhlongo ubalule izinselelo zokufuna usizo lwezempilo emitholampilo evame ukuhanjelwa abantu besifazane, okungenzeka ukuthi abanye babo baxhumene neziguli zabesilisa. 

Uzwakalise ukusaba ukuhletshwa ezimeni ezifuze lezi.

“Siyahlupheka singamadoda ngoba uma siya emitholampilo abesifazane nabahlengikazi bayasihleba yingakho abanye bethu bencamela ukugulela emakhaya size sishone.”

UMnu Zama Shezi obemele uMnyango wezeMpilo, uqinisekise iPhalamende laMadoda ukuthi izinkinga zawo zithathelwa phezulu.

I-Male Wellness Clinic esanda kwakhiwa ihlose ukuhlinzeka ngendawo lapho abesilisa bengaxoxa khona ngezindaba zabo zempilo ngokukhululekile, ngaphandle kokwesaba ukuhletshwa.

Abesilisa bebehambele lo mhlangano ngobuningi babo, besebenzisa leli thuba ukuxoxa ngezinto ezibakhathazayo.

Phakathi nomhlangano, abesilisa abasebasha nasebekhulile bakhulume ngobudlelwano obuhlukumezayo phakathi kwabalingani babo obugcina sebuholela ekutheni abanye bagcine befune ukuzibulala.

IMeya yaseMlalazi uQueen Xulu izwakalise ukukhathazeka kwayo ngokuphathwa kabi kwabesilisa, ikakhulukazi labo abangasebenzi.

Igcizelele isidingo sokuthi kuyekwe ukubukela phansi amadoda angakwazi ukondla imindeni yawo ngokwezimali, kwakhiwe imindeni enokuthula nemiphakathi enokuthula.

Esithombeni esingenhla: Izinsizwa namakhehla endaweni yaseMkhuphulangwenya eShowe zikwazile ukuhlolela izifo ezehlukene ngesikhathi zihambele umhlangano wephalamende laminyaka yonke.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva