Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
U-Eskom ungene esontweni lesibili lokunciphisa ukucishwa kakagesi emini noma ukungawucimi nhlobo emini.
Lokhu kuwukubonga njengoba amayunithi ahlukene akhiqiza ugesi eselungisiwe ngemuva kokuthi kubambezeleke uhlelo lokuthenga izinto zokulungisa la mayunithi.
Ukwengeza kulokho kulindeleke ukuthi ukuphakelwa kukagesi kuthuthuke njengoba kunokuqinisekiswa kokuthi u-Eskom usuthole amanye amandla angu-700 MW avela e-Mozambique.
UNgqongqoshe wezaMandla kaGesi uKgosientsho Ramokgopa ubenozakwabo wase-Mozambique uNgqongqoshe wezaMandla uCarlos Zacarias oqinisekise ukuthi u-100 MW uzotholakala ngokushesha.
“Kubalulekile ukuthola amandla engeziwe kwigridi futhi sibonga uNgqongqoshe uZacarias kanye nabantu base-Mozambique ngokuqinisa ubudlelwano,” kusho uRamokgopa.
“Sizothola lo-100 MW owengeziwe kanye no-600 MW esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha kanti sizophinde sithole u-1,000 MW owengeziwe wesikhathi eside,” esho.
Uthe ukwehliswa kwezigaba eziphezulu zokucishwa kukagesi kungenxa yezinhlelo ezahlukene zokungenelela okuhlanganisa nokushintshwa kwabasebenzi ophikweni lokuphehla ugesi kwa-Eskom.
URamokgopa ukushayele ihlombe ukuqokwa kukaBheki Nxumalo njenge-group executive: generation ngoMbasa.
UZacarias uthe i-Mozambique inezinqolobane ezinkulu zegesi wathi zingasiza elakuleli ukuthi lithole indlela yalo yokuphuma ezinkingeni zayo zikagesi.
U-Eskom uthe akalindele ukuthi kube nokuciswha kukagesi phakathi kwamabili nehora lesine ntambama ngoMsombuluko, ngoLwesibili nangoLwesithathu kanye nesigaba sesithathu nesesine kusukela ngehora lesine ntambama naphakathi kwamabili ngalezo zinsuku.
“Lokhu kungenxa yokuthuthuka okuqhubekayo komthamo wokuphehla ugesi ngenxa yokuthi amayunithi amathathu abekade engasebenzi abuyiselwe emsebenzini,” kusho isitatimende sakwa-Eskom.
Khonamanjalo, uhulumeni wase-France uzibophezele ukunikela ngo-€1 billion (R20 billion) ukuxhasa ngezimali i-Just Energy Transition yakuleli eklanyelwe ukunciphisa ukuthembela kakhulu kwezwe eziteshinini zikagesi eziphehla ugesi ngamalahle.
URamokgopa uvakashele isiteshi esiphehla ugesi ngelanga i-Redstone, e-Postmasburg ngoMsombuluko .
Umklamo wamandla elanga agxilile (i-CSP) uyisikhungo esididiyelwe se-CSP esingu-100 MW esithuthukiswayo kuleli.
Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezaMandla wase-Mozambique uCarlos Zacarias noNgqongqoshe kagesi wakuleli uKgosientsho Ramokgopa e-Union Buildings
Umthombo wesithombe: Twitter