Injabulo kwabashayisibhakela abangene ohlwini lwe-Ring magazine  

Lubhalwe nguLinda Ximba

Njengoba belugubha usuku lwayo lokuzalwa lweminyaka eyikhulu, iphephabhuku lesibhakela lomlando waseMelila elibizwa nge-Ring Magazine ikhiphe uhlu lwayo labasayisibhakela abahamba phambili emhlabeni jikelele.

Ocwaningweni lwakamuva leli phephabhuku lifake uThabiso “The Rock” Mchunu, uZolani “Last Born” Tetem, uJackson Chauke, uHekkie Budler noSivenathi Nontshinga njengabahlanu abahamba phambili kuleli eringini.

I-Ring Magazine iphinde yaklomelisa amabhande omqhudelwano athathwa njengahlonishwa kakhulu kunalawo ezikhungo zesibhakela ezisemthethweni ngenxa yokuthi aklonyeliswa ompetha besibhakela.

UMchunu ohlezi endaweni yesihlanu esigabeni se-cruiserweight, uthe: “Kuyajabulisa ukuhlonishwa inhlangano ehlonishwa kangaka. Ababaningi abashayisibhakela abakhethwayo futhi lokho kukhombisa ukuthi imizamo yami eringini iyabonakala.”

Ikusasa likaTete liyathandabuza njengoba engaphumelelanga ekuhlolweni kwe-dope ngemuva kokunqoba ibhande le-Commonwealth, i-IBF International ne-WBO International ehlula uJason Cunningham e-UK ngoNtulikazi. Nokho uhlezi endaweni yesishiyagalombili esigabeni se-junior featherweight.

UChauke ongumpetha kazwelonke we-flyweight naye usendaweni yesishiyagalombili.

UBudler osephethe isicoco se-WBC silver flyweight njengamanje ubekwe endaweni yokuqala kanti uNontshinga ufakwe ohlwini lwe-IBF junior flyweight wabekwa endaweni yesihlanu.

Njengamanje uNontshinga nguyena kuphela umpetha womhlaba osemthethweni kuleli. Phezu kwakho konke lokhu umshayisibhakela wase-Eastern Cape wenze into encomekayo ngesikhathi ehlula uHector Flores wase-Mexico ngoMandulo mhla zintathu nonyaka.

Owayengumpetha we-WBA ne-IBF junior lightweight uBrian Mitchell, ngenyanga edlule waklonyeliswa ngebhande le-Ring Magazine ngempumelelo yakhe. Ube iqhawe lesithathu lakuleli emlandweni ukuthola lelo bhande elihlonishwayo walandela uVic Toweel owawina ngo-1950 noBudler.

Isithombe esingenhla: siveza owayengumpetha womhlaba we-weight world uHekkie Budler

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva