Dylan Bettencourt
Sekuphele amasonto amabili iqalile imidlalo yama-Commonwealth, kodwa izinsuku zayo ezimbalwa sezifike ngasekugcineni.
➤ Kube uhambo olushintsha izinto eqenjini lakuleli emidlalweni. Nakuba sebezuze izindondo ezingu-20 kuze kube manje eziyisithupha kuzo ezegolide, kodwa abakwazi ukufanisa izindondo ezingu-38 ezitholwe emidlalweni yokugcina.
Elakuleli lizoshiya lo mqhudelwano lizigqaja ngokuveza ithalente lika-Lara van Niekerk kanye noPieter Coetze ngesikhathi bebhukuda.
UTatjana Schoenmaker uphinde wakhombisa ithalente elizomuwinisa izindondo iminyaka eminingi ezayo kanti uKaylene Corbett naye ukhombise ukuthi ungomunye okufanele abhekwe ngabomvu.
Noma imaphi amathemba okuthuthukisa isibalo sezindondo zegolide eziyisithupha zakuleli asezandleni zamaqembu ebhola lomnqakiswano nekhilikithi.
Womabili la maqembu azobe edlala impelasonto yonke ngethemba lokuthi azofinyelela kowamanqamu ngoMgqibelo.
Yonke imidlalo yama-Commonwealth izoba bukhoma eziteshini eziningi ze-DStv kanti imiqhudelwano emikhulu yosuku izokhonjiswa ku-channel 201.
➤ Awukho umqhudelwano omkhulu ebholeni lombhoxo odlula ngesikhathi amaBhokobhoko engena enkundleni ebhekene nama-All Blacks.
Kungumbango osukela emuva nje eminyakeni edlule.
Njengamanje ama-All Blacks abekwe endaweni yesine emhlabeni izinga lawo liphansi kakhulu kanti elakuleli lisendaweni yesibili ngemuva kwe-Ireland. Kodwa ukibekwa kwamanani kusho okuncane kakhulu uma amaBhokobhoko nama-All Blacks sebebhekene.
Umdlalo wokuqala kwemibili yakuleli uzoqala ngempelasonto enkundleni i-Mbombela e-Nelspruit.
Umdlalo ozoqala ngehora lesisihlanu ntambama futhi uzodlala bukhoma ku-DStv channel 201.
➤ Ibhola leligi libuyile futhi umhlaba uzizwa ukulungele lokhu!
Kokubili i-English Premier League kanye ne-DStv Premiership kuzoqala ngoLwesihlanu osukwini olujabulisa kakhulu ebholeni.
Ukuqala kweNdebe yoMhlaba ye-Fifa nosuku lokuvulwa kweligi yasekhaya alufani nezinye.
Ukujabula, nokujaha ukuthi imidlalo iqale kwenza abantu bazizwe ngenye indlela.
I-Crystal Palace iqala isizini ngomdlalo ne-Arsenal ngoLwesihlanu ebusuku ngebhola lokuqala lesizini lo mdlalo uzodlala ngehora lesishiyagalolunye ebusuku ku-DStv channel 203.
Ebholeni lakuleli omunye wemidlalo ehamba phambili ekhalendeni uqala ngesikhathi i-Cape Town City izobhekana ne-Mamelodi Sundowns.
La maqembu womabili ngokungangabazeki ahlinzeka ngokuzijabulisa okuhle kakhulu unyaka wonke futhi abhekane ukuze aqale iligi emdlalweni ozoba umbukiso.
Umdlalo wokuqala we-DStv Premiership uzoqala ngo-7.30 ebusuku ngoLwesihlanu.
Lindelani okukhulu kuzoba impelasonto emnandi kwezemidlalo.
Umthombo wesithombe:@SportsBrief