Injabulo kuvakasha iqembu laphesheya esikoleni sobuciko 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Iqembu lodumo laseMelika i-The Temptations alizange likudle ukudla kwase-Afrika ngesikhathi lihambele isikole sase-Ekurhuleni ngoLwesibili.

Njengengxenye yohambo lwabo lwaseMzansi, abaculi bengoma yakudala ethi “My Girl” bavakashele e-Ekurhuleni School of the Arts kanye neRhoo Hlatshwayo Art Centre ukuze bazizwele ngamaciko asemancane elokishini lase-Daveyton.

Ngemuva kokuvakasha esikoleni amalungu ebhendi bekumele anambithe ukudla kwase-Afrika obekulungiselelwe bona e-Butcher 2.0 okuyindawo yokudlela yasendaweni.

Kodwa ngesikhathi befika endaweni yokudlela, abaculi bodumo abazange balingeke ukuthi banambithe ukudla kwasendaweni futhi benqabile ukuphuma ebhasini labo abafike ngalo!

Imizamo yalabo ababhekelele ezokuvakasha kanye nezikhulu zasedolobheni lase-Ekurhuleni ayiphumelelanga bathibebekhathele, belambile futhi bebefisa ukuphindela ehhotela labo. 

UBenard Gibson ongumphathi waleli qembu futhi osehlale nalo isikhathi eside ubengekho kulolu hambo.

Nokho ekuqaleni kosuku ngesikhathi bevakashele esikoleni sezobuciko sase-Ekurhuleni, ilungu elisha likhulume amazwi anobuhlakani kubafundi.

ULovel Jackson weluleke amaciko asemancane ukuthi angathembi muntu kulo mkhakha futhi afunde izinto eziningi aphinde aqonde izinkontileka zawo.

“Zinike isikhathi ngaphambi kokusayina izinkontileka futhi kumele uxhumane nommeli wakho ukuze uthole umbono wesibili uma kufanele.

“Akubona bonke abantu abakulo mkhakha abakuthakaselayo. Qinisekisa njalo ukuthi umhlane wakho umboziwe kungenjalo uzogcina uboshelwe inkontileka ezogcina ibulale umsebenzi wakho.”

Ugqugquzele abafundi ngokubatshela ukuthi leli qembu lasungulwa esikoleni samabanga aphezulu ngaphambi kokuthi libe yiqembu elihlonishwa umhlaba wonke.

“Ukuqeqeshwa okuthola namuhla kuzosiza kakhulu ekulolongeni ikusasa lakho njengeciko,” engeza.

I-Scrolla.Africa ithole ukuthi ukuvakashela lezi zikole ezimbili zezobuciko bekungeyona ingxenye yenkontileka yabo yokuvakasha kuleli eqale eKapa.

Ukuvakashela lesi sikole okuhlanganisa nohambo lokuya endaweni yokudlela kuthiwa kube isinqumo somzuzu wokugcina.

Isithombe esingenhla: I-The Temptations

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva