Injabulo kutheleka usaziwayo waseMelika

Celani Sikhakhane

Kulethe ithemba kubaholi bendabuko ukufika komlingisi waseMelika uTom Cruise. 

UCruise ubeseNingizimu Afrika esifundeni esikhungethwe ububha kusukela ngoNhlangulana ethwebula isiwombe sesishiyagalombili sefilimu i-Mission Impossible.

Okuningi kwenziwe e-Limpopo, kodwa kubuywe kwayiwa ezintabeni zokhahlamba beyoqhubeka nokuthwebula khona le filimu. UCruise uphinde wandizela eMnambithi ngoMsombuluko.

USihlalo wendlu yobuholi boMdabu esifundeni sasoThukela, iNkosi uNqayizivele Sithole, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lokhu kukhuphula kakhulu ezokuvakasha kulendawo. Lo mkhakha uthinteke kabi ngenxa yokuvalwa kwezwe ngesikhathi kubheduka i-Covid-19 ngoNdasa ngonyaka ka-2020.

“Kuthina lokhu kuyigxathu elikhulu elizoletha amathuba emisebenzi emkhakheni wezokuvakasha njengoba kufike abalingisi abadume umhlaba wonke futhi ukuba khona kwabo esifundeni sethu kuzokhangisa uThukela,” uSithole etshela i-Scroll.Africa.

“Ngiphoxekile ukuthi angizange ngilithole ithuba lokubona uCruise ngesikhathi efika eMnambithi ekuseni ngoba ngimatasa ngodaba lokubulawa kweNkosi uNxumalo,” kusho uSithole.

INkosi uSithole ithe lokhu kuzokhuthaza izihlabani ezisencane eziqhamuka OThukela ezifuna ukungena emafilimini. 

UThukela lwaziwa kakhulu ngezintaba zokhahlamba, ezixhasa ama-B&B amaningi anezintaba ezinhle.

UCruise ubonwe eshiya inqola emile esikhumulweni sezindiza eyongena kwindiza enophephela emhlane ebimlindile. Ubingelele abantu bendawo abebebuthene esikhumulweni sezindiza, ngaphambi kokuthi ahlole i-chopper yakhe bese engena phakathi.

Yena nethimba lakhe labathwebuli bachithe isikhathi esifushane eMnambithi ngaphambi kokundizela entabeni yokhahlamba ukuyoqhubeka nokuqopha ifilimu.

Scrolla World Cup Quiz