Lubhalwe nguThathe Msimango
Umsubathi wakuleli uMelikhaya Frans ujabulele ukufakwa emkhakheni wezinga eliphezulu lwe-Boston Marathon ehlelelwe umhlaka-17 kuMbasa.
I-Boston Marathon umjaho omdala kunayo yonke emhlabeni futhi ubalwa njengeminye yemidlalo eyaziwa kakhulu emhlabeni. Ingeminye yemijaho eyisithupha ye-World Major Marathon ehambisana ne-London, i-Berlin, i-Chicago, i-New York kanye ne-Tokyo marathon.
Phakathi kohlu lwabasubathi abahamba phambili olumenyezelwe abahleli kukhona u-Eluid Kipchoge wase-Kenya, ophethe irekhodi lomhlaba ebangeni lomjaho.
UMelikhaya Frans (33) okwi-SA Half Marathon Champion uthe namanje akakakholwa.
“Ngiyajabula ukumenywa emjahweni omkhulu njengalona. Le yinto ebengiyifisa kusukela ngaqala ukugijima,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Ithuba lokugijima noKipchoge liyingqayizivele futhi lifiswa noma imuphi umsubathi.
Sekuzoba okwesibili ngihlanganyela naye njengoba ngagijima naye ku-London Marathon ka-2020. Angisakwazi ukulinda ukuphinde ngigijime naye.”
Kuze kube namuhla umgijimi wakuleli kuphela obambe iqhaza e-Boston izikhathi eziningi nguLusapho April, owagijima izikhathi ezintathu. Bobabili uFrans kanye no-April bavela e-Eastern Cape.
UFrans uthe uthole ulwazi oluningi ekuzuzeni kwakhe.
“Ngimhlonipha kakhulu u-April nalokho akuzuzile emsebenzini wakhe. Waphuma endaweni yesithathu ku-New York Marathon ngonyaka owodwa futhi ngifuna ukulingisa impumelelo yakhe,” kusho uFrans ophethe irekhodi lakuleli ku-30 km.
“Ngingathanda nokugijima i-New York Marathon. Njengabantu bakuleli sinomlando omuhle ngalo mjaho. Uma kungangena igama lami kuleyo ncwadi yomlando ngingajabula kakhulu.”
UFrans unezifiso ezinkulu e-Boston okuhlanganisa nokushaya isikhathi sakhe esingcono kakhulu somjaho esingu-2:09:24.
“Inhloso yami enkulu ukuba ngishaye u-2:08:10 ozongiqinisekisa ngethikithi lokuya kuma-Olympics azoba se-France ngo-2024.
Ngijabulele ukuthi ngizobe ngigijima uma ngingawina kungaba ibhonasi kumina.
Osesithombeni esingenhla: uMelikhaya Frans
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe