Lubhalwe nguLinda Ximba
Umshayisibhakela wakuleli u-Ayanda “Fireblows” Ndulani uzobe ejabulele ukudlala ekhaya uma esedudulana noLuis Castillo wase-Mexico.
Le mpi izonikeza onqobile ilungelo lokuphonsa inselelo kumpetha we-WBC mini-flyweight uPanya Pradabsri wase-Philippines.
IXaba Promotions ezinze e-Eastern Cape kanye ne-BXSTRS Promotions, ekhangisayo i-Pradabsri, ifinyelele kwisivumelwano ngesonto eledlule sokuthi impi kufanele ibe kuleli.
U-Ayanda Matiti onguSihlalo we-National Professional Boxing Promoters Association, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ujabule kakhulu ngesikhathi ethola incwadi evela kuMengameli we-WBC uMauricio Sulaiman egunyaza indawo okuzodlalelwa kuyo.
“Lesi isikhathi esihle kakhulu kwisibhakela sakuleli futhi sethemba ukuthi uNdulani uzolisebenzisa ngokugcwele ithuba lokulwela ekhaya. Ukuwina kuzomsondeza ekubeni ngumpetha we-WBC.”
UMatiti oxhumene nezepolitiki uthe umqhudelwano kaNdulani noCastillo uzoba ingxenye yomqhudelwano wezicoco ezintathu ezizoba se-Durban International Convention Centre ngomhlaka-25 kuNhlolanja.
Umpetha we-SA junior welterweight, uPrince Sibusiso Dlomo uzovikela isicoco sesine kuMarcus “King Labamba” Lebogo.
ULandi “Man Don” Ngexke osanda kunqoba isicoco se-junior bantamweight naye uzobe ekhona empini yesicoco se-IBO Intercontinental nembangi yase-Philippines.
UNdulani uzoba nengcindezi yohlula uCastillo. Sekuphele iminyaka engu-20 elakuleli lagcina ukukhiqiza umpetha we-WBC.
UDingaan “Rose of Soweto” Thobela waba ngumshayisibhakela wokugcina ukuthla isicoco ngemuva kokuhlula uGlen Catley wase-Britain e-Brakpan, e-Gauteng ngo-2000.
Ngaphambi kwakhe uThulani “Sugarboy’’ Malinga wathusa izingcweti zesibhakela eshaya uNigel “Dark Destroyer’’ Benn e-England ngo-1995.
Umpetha womhlaba osemthethweni kuleli ozishaya isifuba nguSiviwe “Special One’’ Nontshinga ophethe isicoco se-IBF junior flyweight.
Osesithombeni esingenhla: U-Ayanda Ndulani
Umthombo wesithombe: Daily Dispatch