Injabulo kumqeqeshi kubuya isithenjwa somdlali 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Ukubuya kukaThembinkosi Lorch ekulimaleni isikhathi eside kwenze iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi ajabule kakhulu ngokubuya kwalo mdlali wasesiswini.

Ngemuva kokuthi angadlali ngenxa yokulimala edolweni izinyanga eziyisithupha, uLorch ubuye ngoMgqibelo ekhombisa umfutho ngesikhathi iPirates ifinyelela kweyomkhumulajezi ye-Nedbank Cup.

IPirates ishaye iqembu elidlala kwi-National First Division, i-All Stars FC ngo 2-0 kanti uLorch usizile kuwona womabili la magoli, okuhlanganisa nokushaya igoli.

Kumuntu osehlale isikhathi eside engadlali, lo mdlali (29) ubesefomini emangazayo nehambisana nesivinini somdlalo ngemuva kokungena enkundleni ekuqaleni kwesiwombe sesibili.

Njengoba isizini isifinyelela esigabeni lapho umqhudelwano we-Premier Soccer League usunzima khona kakhulu, uNcikazi ubona sengathi uLorch uzoba usizo kakhulu kubo.

IPirates izophinde izame ukulinganisa umsebenzi wayo weligi nokulwela ukuwina i-Nedbank Cup okokuqala kusukela ngo-2014.

“ULorch uyingxenye ebalulekile ye-Orlando Pirates,” kusho uNcikazi ngokubika kwe-SABC Sport.

“Ungumdlali omuhle futhi kuyangijabulisa ukuthi ube nemizuzu namuhla ngemuva kokuhlala isikhathi eside. Ngiyethemba nje ukuthi uzokhula kulokhu akwenzile namuhla. Uzoba negalelo elihle eqenjini.”

“Kusenemidlalo enzima ezayo futhi uzolisiza kakhulu iqembu.”

Kodwa iPirates kuzomele ithandazele ukuthi umgadli wayo ahlale ewumqemane njengoba ebonakala engumuntu olimala njalo.

Kumasizini amathathu edlule uLorch wathwala kanzima ukufinyelela emidlalweni engu-20 yeligi ngenxa yezinkinga zokulimala.

Lokho kwenze kwaba nzima kuye ukuvuselela uhlobo lwefomu eyamenza waqokwa njengomdlali ovelele kwi-PSL ka-2018/19.

Njengoba iBafana Bafana izophinde idlale imidlalo yamazwe omhlaba ngoNdasa, uLorch uzofuna ukugcina umgqigqo wakhe futhi acatshangelwe ukuthi aqokwe umqeqeshi uHugo Broos.

Esithombe esingenhla: UThembinkosi Lorch 

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva