
Dylan Bettencourt
Ngemuva kokuhamba namanzi amakhilomitha angu-80 ngenxa yezikhukhula, umlimi wase-New Zealand uzitshele ukuthi angeke aphinde ayibone inkunzi yakhe. Kodwa ngokuyisimangaliso, inkomo yakhe itholakele ngemuva kwesonto. Ibigaxele esihlahleni.
Umlimi wendawo uTony Peacock uthe inkunzi enezinyanga ezingu-18 yayihlangene nezinye izinkunzi ezibalelwa kwezingu-37 ngasemfuleni i-Maruia ngesikhathi kunemvula enamandla ngomhlaka-10 kuNhlolanja.
“Kwenzeka into engikakaze ngayibona epulazini lami. Kwaguguleka indawo engango-60ml kwasala indawo engango-160ml ngemuva kwemvula ngakusasa ekuseni,” kusho uPigogo.
Umlimi wayenesikhathi esincane sokulungiselela izikhukhula ezingenayo kodwa wakwazi ukusindisa iningi lezilwane zakhe emanzini akhuphukayo. Nokho, akakwazanga ukusindisa izinkunzi zakhe ezintathu, ezahamba nomfula, futhi wayesaba okubi kakhulu.
Kwaphela isonto ngaphambi kokuba umlimi athole ucingo olungajwayelekile oluvela enkampanini yokuhweba ngamasheya neyezilimo ebizwa ngokuthi i-Ospri. Watshelwa ukuthi bathole inkunzi yakhe eyodwa iphila.
“Bathe umlimi wase-Westport unenye yezinkunzi zami wase enginika inombolo yakhe,” uPeacock etshela i-Guardian.
Ngamshayela ucingo, wathi ngesikhathi engenisa izinkomo ekuseni wezwa umsindo angawujwayele esihlahleni samajikijolo kwavela inkunzi yase-Hereford ngekhanda.
Umlimi owathola inkunzi kaPeacock uthe lesi silwane esincane sasibukeka sengathi sidinga ukuphumula.
UPeacock ukholelwa ukuthi inkunzi yakhe yasinda ohambweni lika-80km yehla ngomfula nangaphezu kwemphophoma engu-10m ngaphambi kokuthola ukuphepha ingaze ifike olwandle.
“Uhambo olude impela futhi ngokumangalisayo yasinda. Ngijabule kakhulu ngesikhathi ngithola ucingo, ukuthi iyaphila. Ngicabanga ukuthi usezothola i-legend status manje futhi afakwe edokodweni ukuze aphume nezinkomo ezithile,” kusho umlimi.
UPeacock uthe usenengcindezi yokuthi aqambe inkunzi entsha esiphenduke undabamlonyeni. Uthi uke wathola nezingcingo ezivela kwabanye abalimi bebuza ukuthi bangayiletha yini inkunzi yensikazi izozalisana nenkunzi yakhe esindlie!
Umthombo wesithombe: @Drovers