Injabulo kuhlengwa amantombazanyana abethunjiwe e-Nigeria

Kamogelo Olaitan

Amaphoyisa ase-Nigeria ahlenge amantombazanyana angu-35 abephoqwa ukuthu adayise ngomzimba ngumuntu ophethe amayengandoda e-Nigeria.

Kusolwa ukuthi amantombazanyana asetshenziselwa ukudayisa ngomzimba. Kuthiwa uma kwenzeka ekhulelwa izingane, azizalayo ziyadayiswa.

Okhulumela amaphoyisa endawo uTochukwu Ikenga esitatimendeni ngoLwesithathu uthe izingane ezibelethwa yila mantombazanyana ziyadayiswa.

U-Ikenga wengeze ngokuthi amantombazanyana amane kulawa akhulelwe kanti amaphoyisa ashaqe izikhali nemali ngesikhathi kugaselwa kule ndawo.

“Amadoda amathathu aboshwe endaweni yesigameko, kanti umnikazi wehhotela ugcwele amathafa,” kusho amaphoyisa.

NgokweNhlangano Yezizwe, ukushushumbiswa kwabantu, okuhlanganisa ukudayisa ngomzimba ngenkani nokudayiswa kwezingane, kuwubugebengu besithathu obuvame kakhulu e-Nigeria, ngemuva kwenkohlakalo nokushushumbiswa kwezidakamizwa.

I-Associated Press ibike ukuthi eminyakeni edlule kwatholakala amawodi okubelethisa angekho emthethweni kule ngxenye yezwe.

Izihloko zakamuva