Lubhalwe nguTladi Moloi
Ngemuva kokuthi izakhamizi zichithe isikhathi samaholidi ebumnyameni u-Eskom ugcine ubuyise ugesi ezingxenyeni zikamasipala wendawo i-Maluti-a-Phofung, e-Qwaqwa, e-Free State.
Ngemuva kokuyalelwa iNkantolo eNkulu yase-Bloemfontein u-Eskom ubuyise ugesi ngoLwesithathu.
Imiphakathi yase-Clubview, e-Mphatlalatsane, e-Phuthaditjhaba, e-Super, e-Naledi Mall, e-Thaka Bafutsana kanye nasezindaweni zezimboni yokuqala, eyesibili kanye neyesithathu ibisebumnyameni kusukela ngeSonto ngomhlaka-18 kuZibandlela nyakenye.
Ugesi uye wacima ngemuva kokuthi kwenzeke iphutha esiteshini sikagesi sakwa-Eskom ngaseNyuvesi yase-Free State.
Umasipala waya enkantolo ngemuva kokuthi izingxoxo zabo nabakwa-Eskom zibhuntshe njengoba le nkampani yenza izimfuno eziningi ngaphambi kokuxazulula le nkinga.
U-Eskom wawufuna ukuthi umasipala ukhokhele abasebenzi isikhathi esengeziwe ngaleso sikhathi nokuyinto umasipala owayivuma kodwa kuthe kungakapholi maseko u-Eskom wafuna ukuthi umasipala ukhokhe isikweletu sawo, konke lokhu kuvele enkantolo.
Umasipala ukweleta u-Eskom u-R7.2 billion, kodwa ukhokhe u-R10 million kuphela.
UTiti Makhetha we-Communication and Stakeholder Relations Management Central Cluster ukuqinisekisile ukuthi kusenemali eningi esele.
“U-Eskom udinga le mali ukuze uqinisekise ukutholakala kukagesi okuqhubekayo kulesi siteshi,” esho.
Yize ugesi usubuyisiwe, amalungu omphakathi aveze ukuthi alahlekelwe kakhulu ngesikhathi ugesi ungekho njengoba abanye baze balahla ukudla okubolile.
UJohn Bambisa, wase-Mphatlalatsane uthe: “Sinogesi kodwa silahlekelwe kakhulu. Sikhathele osopolitiki abalwa izimpi zabo ngathi.”
Umphathi wezokuxhumana kumasipala uMnu Thabo Kessah ukuqinisekisile ukuthi ugesi ubuyile ezindaweni ebezithintekile.
“Ugesi ugcine ubuyile namuhla ntambama ezindaweni ebezithintekile ngemuva kokuthi u-Eskom uqale ukusebenza ngemuva kwehora lesishiyagalolunye ekuseni ngoLwesithathu. Siyajabula ukuthi izakhamizi ebezithintekile kanye nosomabhizinisi sebenawo ugesi futhi siyazisola kakhulu ngokuthi kuze kudingeke ukuthi izinkantolo zingenelele kulolu daba,” etshela i-Scrolla.Africa.
Esithombeni esingenhla: Abasebenzi bakwa-Eskom abasebenza esiteshini sikagesi eduze kweNyuvesi yase-Free State.
Umthombo wesithombe: Tladi Moloi