
Sizwe Sibiya
Omunye wemidlalo ewuchungechunge ehamba phambili kuMzansi, i-Ayeye eyaqala ukukhonjiswa esiteshini i-Vuzu Amp kwi-DStv ngonyaka ka-2014 ushaya ibuya.
Isizini yokuqala yochungechunge olwawina imiklomelo ibe neziqephu ezingu-14.
“Ngemuva kwemibiko engamanga eminingi kule minyaka emihlanu edlule i-Ayeye ekugcineni isiyabuya nesizini entsha sha,” kubhala umhlaziyi wezindaba zokuzijabulisa uPhil Mphela ngoLwesine ku-Twitter.
Isizini yokuqala ilandele izimpilo zabangani abathathu ababehlala endaweni eGoli ngesikhathi bezama ukukhuphula izinga lebhizinisi embonini yezokukhangisa.
UThapelo Mokoena owayedlala indawo ka-JK ngoLwesithathu uveze ukuthi ujabule ngokubuya komdlalo.
Ufake isithombe sakhe ku-Instagram ephethe uphawu lokuthula endaweni yokuthwebula izithombe nombhalo othi “izobuya maduzane isizini yesibili (2).”
Yize abalandeli bezamukele ngesasasa lezi zindaba, kodwa akukacaci ukuthi bazobe bekhona yini abalingisi abahamba phambili kwisizini yesibili. Kwabavelele ngesizini yokuqala kukhona uSthembiso “SK” Khoza owayedlala indawo kaNeo, noMpho “Mpho Popps” Modikoane owayedlala indawo kaLebo.
Uchungechunge lwe-Bomb Productions ludidiyelwe ngumqondisi nomdidiyeli owawina izindondo uKutlwano Ditsele owashiya le nkampani ngonyaka ka-2017 ngemuva kokusiza ukukhiqiza ama-telenovela amakhulu afana neSibaya esaduma ngo-2013.
Ngemuva kokushiya i-Bomb Productions uDitsele uqale inkampani yakhe i-Seriti Films nozakwabo abathathu. Ikhiqize ama-telenovela e-MultiChoice afana ne-The Herd kanye ne-Gomora esaqhubeka ngo-2020.
Khonamanjalo uMpho Popps ophinde abe ngusomahlaya osezakhele igama ku-Netflix uqokwe emklomelweni we-DStv Viewer’s Choice Favourite Comedian Award ngoMbasa.
“Ngizizwa ngihloniphekile ngokuqokwa kwabahamba phambili. Ngibonge kakhulu ku-@dstvza kanye nozakwethu osezinhlelweni zamahlaya u-@skhumba_official, u-@celestentuli, u-@thatninahastie kanye no-@mashabelacomedy,” kusho uMpho Popps ku-Instagram emaka ozakwabo abaqokwe kulo mkhakha.
Ukuvotela abaqokwe kwi-DStv Viewer’s Choice kuzovalwa ngoMgqibelo ngomhlaka-11 kuNhlangulana ngehora leshumi ebusuku kanti umcimbi wezindondo uzosakazwa bukhoma ku-Mzansi Magic e-Sun Arena ePitoli.