Injabulo kubasubathi kunyuswa imiklomelo yeComrades Marathon 

Lubhalwe nguThathe Msimango

I-Comrades Marathon isimemezele ukuthi izonyuka kakhulu imali yemiklomelo emjahweni wakulo nyaka.

Umjaho wakuleli oyingqophamlando we-ultra-marathon ohlelelwe ukuba ngomhlaka-11 kuNhlangulana uzigqaja ngemali yemiklomelo efinyelela ku-R4.31 million okuwukunyuka ngo-90% uma kuqhathaniswa no-R2.27 million wanyakenye.

UBongumusa Mthembu owawina i-Comrades Marathon ngo-2014, 2017 nango-2018 uzamukele izindaba zokukhushulwa kwemali yemiklomelo.

“Kuhle ukuthi sizobona ukwenyuswa kwemali yemiklomelo ye-Comrades Marathon. Sekuphele iminyaka eminingi sikhala ngalokhu,” esho.

Umklomelo wokuqala osucishe waphinda owanyakenye kabili usuke ku-R260,000 waya ku-R500,000; owesibili usuke ku-R130,000 waya ku-R250,000 kanti owesithathu usuke ku-R90,000 waya ku-R180,000.

Ngaphezu kwalokho ozowina emijahweni wabesilisa noma wabesifazane ozokwephula izikhathi ezingcono kakhulu ukudlula ezikaDavid Gatebe (2016 – 5:18:19) noma uFrith van der Merwe (1989 – 5:54:43) uzokwenyuselwa ngo-R1-million emalini yomklomelo we-Comrades Marathon – ngokuwina umklomelo wokuqala kanye nesikhuthazo sika-R500,000 sokwephula irekhodi.

Umsubathi wokuqala wakuleli ozoqeda kuqala uzothola u-R200 000 kanti owokuqala waKwaZulu-Natal ozoqeda kuqala uzothola u-R60 000.

UMthembu ukholelwa ekutheni angakwazi ukuphuma kuqala entanjeni kulo nyaka.

“Ngisaqhudelana futhi ngingawuwina umjaho,” esho.

“Ngisephakathi kwabasubathi abayizintandokazi zokuwina lo mjaho. Ngakho kuseyiphupho lami ukuwina lo mjaho.”

I-Comrades Marathon yashayeka kanzima ngenxa ye-Covid-19 njengoba ilahlekelwe abaxhasi abathile. Kodwa-ke, lo mjaho usahlonishwa emhlabeni wonke futhi ukwenyuswa kwemali yemiklomelo kuwubufakazi kulabo abakholelwa ekutheni ezemidlalo zingashintsha impilo yomuntu.

Esithombeni esingenhla: UBongumusa Mthembu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva