Everson Luhanga
Sekuphele iminyaka engu-24 umkhulu uWilliam Joseph Moyana (80) elinde ukunikezwa indlu ayithenjiswa uhulumeni.
Kulo nyaka, ubecabanga ukuthi ukulinda sekuphelile – kodwa uthi ubengakaze anikezwe amaphepha afakazelayo ukuthi ungumnikazi wendlu kanti uye waqhubeka nokulinda.
Kodwa iphupho lakhe lifezeke ngoLwesibili ngesikhathi iMeya yaseGoli uDkt Mpho Phalatse ekhipha amatayitela angu-102 kubantu abafanele baselokishini lase-Alexandra.
Iningi labahlomulile bekuyizakhamizi esezikhulile nezikhubazekile ezithe sekuphele iminyaka engaphezu kuka-20 zilinde lolu suku.
Abaningi abakwazanga ukubamba izinyembezi zenjabulo. Abanye bebephakamisela izinduku zabo phezulu ngesikhathi abanye bedansa esiteji ukuze bathole amatayitela abanikeza igunya lobunikazi.
UMoyana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unkosikazi wakhe ongasekho emhlabeni ubezojabula kakhulu ngokuthola indlu. “Nguyena owathatha igxathu lokubhalisela indlu.
“Ngesikhathi ebhalisa konke kwakusegameni lakhe. Ngebhadi washona engakayiboni le ndlu,” esho.
Umkakhe washona ngo-2005 engazange anikezwe itayitela.
“Ngaphambi kokuthi ashone ubenxenxa uhulumeni ngokuya emahhovisi oMnyango wezeZindlu ethi akanikwe indlu netayitela.
“Ushone engasayibonanga indlu,” esho.
UMeriam Malepyane Serero (68), uthe ujabule ngokuthola itayitela lakhe kwimeya.
“Kuyakhombisa ukuthi ubathanda kangakanani abantu, ikakhulukazi abadala nabaswele,” esho.
USerero ukhulekele ukuchuma kwemeya futhi wamcela ukuthi enze okwengeziwe kwabanye abantu abasesimweni sakhe kumasipala waseGoli.
Esinye isakhamuzi, uPontso Dikhoto, washona ngo-2017. Kodwa igama lakhe libiziwe futhi indodakazi yakhe uRebecca ithole indlu egameni likanina ongasekho.
“Kungamjabulisa ukubona lolu suku. Ngiyajabula ukuthi imeya isize yasinika izindlu osekukudala zilindiwe,” esho.
Imeya ithe kunezinhlelo zentuthuko ezimbalwa kuleli lokishi.
“Sibeke u-R10 million wokuvuselela ihostela labesifazane kanye no-R10 million wokulungisa amahostela aselokishini. Sinemali ebekelwe ukuxhasa abakhahlanyezwe izikhukhula kanjalo namapayipi endle,” esho.
Akakwazanga ukufihla uthando analo nge-Alexandra.
“Ngijabule kakhulu ngokuba lapha futhi sonke siyazi ukuthi ngiyithanda kangakanani i-Alexandra.”
Uphinde wathi, “ilungu lekomiti lemeya lizimisele ukubona i-Alexandra ithuthukiswa.”
UPhalatse ubephelezelwa uMnu Mlungisi Mabaso, oyilungu lekomidi lezezindlu. UMabaso uthe zikhona izinhlelo zokubheka inqubekela phambili yayo yonke intuthuko yokuhlaliswa kwabantu kuleli lokishi.