Injabulo izaguga zingulwa amehlo

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

Umhlaba usugxile kakhulu ekusizeni izaguga e-Libode njengoba bezengulwa amehlo ngesonto eledlule.

Lokhu kuhlinzwa kube uhlelo loMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape olusebenzisana neMnyango eyahlukene okubalwa noMkhandlu Kazwelonke Wabantu Abangaboni kuleli (South African National Council for the Blind.)

Ukuhlinzwa kwenziwe kwizaguga ezingu-75 kusukela ngomhlaka-27 kuya kumhlaka-29 kuMbasa esibhedlela i-St Barnabas, abanye abane abakade kunzima ukuthi bangulwe badluliselwe esibhedlela iNelson Mandela eMthatha.

“Lolu ilona ubumbano esasikhuluma ngalo ngo-2021, sabika ukuthi sizosheshisa ukulethwa kwezidingo kubantu ngokubambisana njengoba abantu bakithi bebekhala ngokulinda isikhathi eside ukuze bathole izinsiza,” kusho uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uNomakhosana Meth evakashele esobhedlela e-St. Barnabas ngempelasonto.

USiphethe Phatsha uthe ulinde iminyaka emithathu ukuze ahlinzwe. Izinkinga zakhe zokungaboni ziqale esasebenza ezimayini e-Gauteng.

“Bangitshela ukuthi angidingi ukuhlinzwa nganikwa imithi engazange ingisize ngalutho, ngabuyela ekhaya ngachitha unyaka wonke ngiya e-Mthatha, esibhedlela iNelson Mandela kwaze kwaba yilapho bethi angilinde ukuthintwa ngocingo.

“Namhlanje ngiyajabula ukuthi sonke ebesihlinzwa siphile saka.”

UNolulamile Khatshaza owaqala ukuba nenkinga yamehlo ngo-2017, akakwazanga ukuyibamba injabulo yakhe ngemuva kokuhlinzwa ngempelasonto.

“Ngijabule kakhulu njengoba lokhu kuzoyisiza kakhulu impilo yami. Ngibonga uNkulunkulu ngokungisiza.”

UMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uthe basazoqhubeka nokungula abantu kuso sonke isifundazwe. Uhlelo olulandelayo luzoba se-Matatiele mhla zinhlanu kuNhlaba.

Esithombeni esingenhla: Igumbi lokuhlinzela esibhedlela i-St Barnabas, e-Libode lapho abahlinzwe khona i-Cataract

Umthombo wesithombe: Umnyango Wezempilo e-EC

Izihloko zakamuva