Injabulo iyachichima kowayengumdlali weBafana exhaswa ngemali

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Abalandeli base-Norway sebehlanganise imali cishe engu-R2 million ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi owayengunozinti weBafana Bafana neKaizer Chiefs, u-Emile Baron, udonsa kanzima futhi ucela imali yokondla umndeni wakhe.

Lo mdlali wathola udumo e-Norway phakathi kuka-1999 no-2004 ngesikhathi edlala edlalela i-Lillestrøm SK. Ngesikhathi kuvela lo mbiko esiteshini sezindaba sase-Norway i-TV2, abalandeli beqembu bazinikele ukuthi bazomsiza.

Kuqoqwe imali engu-R2 million kanti cishe bangu-5 000 abantu abalule isandla.

UBaron nomndeni wakhe baxoshwa endlini yabo enekamelo elilodwa, ngokusho kwe-TimesLive, kuthiwa imali eqoqiwe isithunyelwe kuye futhi bahlelelwa enye indawo yokuhlala.

“Yebo okwamanje, cishe sekuhlanganiswe imali engu-1.1 million kroner ezosiza u-Emile Baron ngemuva kokuthi i-Norwegian TV2 ishicilele udaba ngempilo yakhe enzima abhekene nayo kuleli,” kusho owezokuxhumana e-Lillestrøm uMorten Stokstad etshela i-TimesLIVE.

“Isinyathelo sivela kubasekeli bethu eqenjini i-Kanari-Fansen’, kodwa sisebenzisane nabalandeli balo iqembu.”

“Lokhu kuyisimangaliso futhi abaningi ababambe iqhaza bangabalandeli be-Lillestrøm, kodwa abantu abaningi bakwamanye amaqembu nabo babe nesandla.”

Njengoba engasiqedanga isikole futhi engenazo neziqu, uBaron akakaze asebenze kusukela aphuka umlenze emdlalweni we-PSL weBidvest Wits ibhekene ne-Orlando Pirates ngo-2013. Uthe embikweni we-TV2 izinto zibe zimbi kakhulu waze wazama ukuzibulala izikhathi eziningana. 

Umbiko uqhube wathi lo mdlali owayedlalela iSuperSport United ubephila ngemali yesibonelelo sika-R870 ukuze anakekele umkakhe namadodana akhe amabili.

“Leyo mali ibiphela ezinsukwini ezimbalwa, ngakho uBaron ubeze aqoqe amabhodlela angenalutho. Uma enenhlanhla, uhlangana nabajwayele ukumupha imali noma ugwayi. Kwesinye isikhathi beluphela usuku esenayo imali eyanele isinkwa,” kwengeza umbiko.

“Kudingeke ukuthi ngizehlise ​​ngenxa yomndeni. Kufanele ngicele imali kubantu,” kusho uBaron etshela i-TV2.

“Nginenhlanhla ukuthi ngisenomkami eduze kwami. Ngoba ngokujwayelekile, uma izinto ezinjengalezo zenzeka abantu besifazane bayalahlana.”

“Ngiyazi ukuthi bangiqoqela imali, futhi ngifuna ukubabonga ngabakwenzayo. Njengamanje ngikhuluma nabahleli ukuze ngibone ukuthi ngizoyithola kanjani imali,” etshela i-TimesLive kulandela izindaba zomkhankaso wokuxhaswa ngezimali eziphuma e-Norway.

Isithombe esingenhla: U-Emile Baron

Umthombo wesithombe: @XoliswaZondo

Izihloko zakamuva