Injabulo iReal Madrid ibhaxabula i-Osasuna

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ukunqoba kwe-Real Madrid kowamanqamu we-Copa Del Rey ngamagoli amabili bebhekene ne-Osasuna ngoMgqibelo kube yingqophamlando ku-Eden Hazard we-Real Madrid obekungahambi kahle kuye. 

Yize ebhekene nobunzima endleleni yakhe, lo mdlali wase-Belgium usewine zonke izindebe ahlangabezane nazo eqenjini lakhe.

Impumelelo yokuqala ye-Real Madrid kwi-Copa Del Rey yaqala ngo-2014 ifika ngoRodrygo futhi imigubho yalandelwa amazwi amahle avela kuHazard.

Lo mdlali (32) ozithole ehlezi ebhentshini ngoMgqibelo, uphinde wagcizelela isifiso sakhe sokuhlala kuleli qembu ngemuva kwesizini.

“Ngihlela ukuhlala kuleli qembu. Yebo, ngicabanga ukuthi ngingadlala imizuzu eyengeziwe. Ngifuna ukujabulela unyaka osele wenkontileka yami,” kusho uHazard etshela i-CadenaCope.

UHazard akazange akubalule ukuthi ungumdlali okhokhelwa kakhulu eqenjini le-Real Madrid, uhola ngaphezu kuka-£380,000 (cishe u-R8 million) masonto onke. Okunye okuxakayo ukuthi mhlawumbe uthola amabhonasi amakhulu njalo uma i-Madrid iwina isiliva.

Njengoba esedlale imidlalo emihlanu kuphela yeligi kule sizini, akusho ukuthi i-Madrid izomehlisela umholo kodwa uHazard uzimisele ngokuqhubezela inkontileka yakhe. Okunye okuxakayo ukuthi mhlawumbe uzothola ibhonasi yokwethembeka uma esefike ekugcineni.

Nakuba uHazard esephenduke ihlaya, kulula ukukhohlwa amaqhawe aqinisekisa ukuthi i-Madrid imnika inkontileka eqinile. Amagoli akhe angu-110 emidlalweni engu-352 ku-Chelsea amenza waba ngumpetha weqembu.

Kodwa-ke, selokhu athuthela e-Bernabeu ngoNtulikazi ngo-2019, ukwazile ukushaya amagoli ayisikhombisa nabasizi abangu-12 emidlalweni engu-75 kuyo yonke imiqhudelwano ngokulimala okubambe iqhaza ebunzimeni bakhe e-Spain.

UHazard uzinike unyaka owodwa ukuze ahlenge ifa lakhe e-Madrid. Angakwazi yini ukubuyisa umlingo wakhe omdala ngomkhankaso owodwa wokugcina?

Isithombe esingenhla: U-Eden Hazard

Umthombo wesithombe: @tunnykvng

Izihloko zakamuva