Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni
Ngesikhathi uLammy Matye ebandakanyeka engozini yemoto eyamshiya ekhubazekile eminyakeni engu-20 edlule, akazange acabange ukuthi ngelinye ilanga uyothola umklomelo njengomdlali wezemidlalo.
Wayengazi ukuthi ngelinye ilanga uyoqokwa njengohamba phambili kwezemidlalo kubantu abaphila nokukhubazeka kuma-South African Police Services National Excellence Awards.
Lo mcimbi obuse-Polokwane ubuhanjelwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye noKhomishana kaZwelonke uLieutenant General Sehlahle Masemola ngoMgqibelo ebusuku.
UMathye utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kuyamjabulisa ukuqashelwa umqashi wakhe futhi kuyamgqugquzela ukuthi aziqeqeshe kanzima.
“Ngiyazithanda ezemidlalo futhi kuyisifiso sami ukuvelela, kodwa bengingalindele ukuthi ngelinye ilanga ngizothila indondo efana nalena.”
“Indondo ngiyinikezela kunkosikazi wami, u-Alina Matye ngokungeseka ngaso sonke isikhathi.”
UMathye usebenza njengomabhalane esiteshini samaphoyisa e-Namakgale ngaphandle kwase-Phalaborwa e-Limpopo futhi uzibandakanya nezemidlalo okubalwa ukuhamba ngebhayisikili, i-shotput, i-javelin, ne-discus.
NgoLwezi waphinde waklonyeliswa ngendondo ye-Best Sportsman of the Year kubantu abaphila nokukhubazeka emcimbini we-Provincial Saps Prestige Awards owawuse-Limpopo.
Emklomelweni kazwelonke uthole umklomelo wemali, amagajethi kagesi namavawusha okudla.
Isithombe esingenhla: ULammy Matye othole umklomelo wakhe njengomdlali ohamba phambili
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe