Injabulo iphezulu kubantu bezitokofela njengoba sebehlukanisa 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Minyaka yonke abantu abaningi bakuleli bajoyina izitokofela ngethemba lokonga imali eyanele ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi kanye nonyaka omusha.

Ngokwe-National Stokvel Association of SA ekuqaleni kwalo nyaka bezingaphezu kuka-800 000 izitokofela ezibhalisiwe kuleli, namalungu esewonke angaphezulu kuka-11 million. Izitokofela ziqoqa ngaphezu kuka-R50 billion wemali abasuke beyongile kumalungu azo minyaka yonke.

Amanye amalungu esitokofela asuke egcine imali ukuthenga ukudla, amanye izinto zesikole kanti amanye athenga izinkomo ukuze ahlukaniselane inyama.

Iqembu laseKapa labesifazane abangu-11 kanye nowesilisa oyedwa baqale isitokofela sokuthenga ukudla  ngokuthenga izitembu esitolo abazozisebenzisa emaholidini kaZibandlela. 

U-Anelisa Lufundo (36) uthi uyaziqhenya ngokujoyina iqembu elinikela ngemali yokuthenga izitembu kwesinye sezitolo ezinkulu kuleli.

“Angizange ngipholise maseko ngavele ngajoyina ngoba bengazi ukuthi inyanga kaZibandlela izofika kanti nezitembu ngizozisebenzisa ngendlela efanele ngoba ngiyakwazi ukuthengela izingane zami ukudla nomfaniswano wesikole.”

Ukujoyina iqembu lesitokofela kuhluke kakhulu kunokuzama ukozongela imali uwedwa.

“Izitokofela zikhuluma ngokuziphatha futhi ukuzidela kubaluleke kakhulu njengoba sibuswa umthetho futhi uma ungawulandeli uyakhokhiswa.”

Nyanga zonke amalungu eqembu azibiza ngama-Bread Winners abefaka u-R400 umuntu emunye athenge nezitembu.

“Zonke izitembu zethu besizigcina kumuntu oyedwa ngoba besingafuni ukuzisebenzisa phakathi nonyaka.Sisanda kuzithola nje ngoMgqibelo ukuze siyothenga ngaphambi kukaKhisimusi,” kusho uLufundo.

ULufundo weluleka abantu ukuthi baqale ukwenza okufanayo ukuze banciphise ingcindezi ngoKhisimusi.

USinewonga Gqwetha okunguye yedwa owesilisa esitokofeleni uthi uyaziqhenya ngokujoyina nangokuthi ukwazile ukonga kwaze kwaphela unyaka.

“Bengiqala ngqa ukwenza lokhu futhi ngibonga uLufundo ngokungeluleka ngokuthi ngibe ngomunye wamalungu eqembu. Manje sengizowuthokozela uKhisimusi ngokuthula,” esho.

Amanye amaqembu anesibalo esifanayo samalungu kodwa anikela ngo-R200 kuphela njalo ngenyanga.

UNondumiso Payi wajoyina isitokofela sokuthenga ukudla kwasendlini ukuze ehlise ingcindezi yemali.

“Isikhathi samaholide sifika nengcindezi, izingane zidinga izingubo ezintsha nezipho, kodwa sonke siyazi ukuthi zizodinga ukudla ngemuva kokuthola izingubo ezintsha.”

Ukudla kuzokwenza umehluko omkhulu ngoba imali abezoyisebenzisela ukudla usezoyisebenzisa ukuthenga izinto zesikole zezingane.

Isithombe esingenhla esamalungu eqembu lesitokofela elizibiza ngama-bread winners

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva