Injabulo inkantolo inqaba ibheyili yenceku esolwa ngokudlwengula

Zukile Majova

Ujabule kakhulu umphakathi wasemakhaya obuphikisa ibheyili yomfundisi wasema-Xesibeni uVizicelo Phakade ngesikhathi inkantolo imnqabela ibheyili ngoMsombuluko.

Ubhekene necala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16, yase-Sugarbush village ngaphandle kwase-Mount Ayliff, e-Eastern Cape.

IMantshi uGcinabantu Jubase izichithile izinsolo zikaPhakade zokuthi akadedelwe ngoba unesifo sikashukela.

Uthe abukho ubufakazi bezempilo obethulwa obusekela lesi simangalo, wengeza ngokuthi isimo sezempilo asenele ukuthi angadedelwa ejele.

IMantshi ithe ngisho nokushintshwa kwekheli akuqinisekisi ukuphepha kofakazi futhi asikho isiqiniseko sokuthi uPhakade angeke abaleke bese ehluleka ukuvela enkantolo.

UPhakade uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-28 kuNhlangulana.

Okhulumela umndeni uMfundisi Hlongwana we-Mount Frere Circuit Methodist Church Of Southern Africa uthe umndeni ujabule kakhulu ngemiphumela.

“Siyazi ukuthi lolu uhambo olude kodwa sijabule ngesinqumo senkantolo.

“Besinxusa inkantolo ukuthi yenze isibonelo ngaye ukuze nabanye abazodlwengula bazi ukuthi sesikhathele ukudlwengulwa.

“Ubhekena namacala amabili okudlwengula   abesifazane ababili abebesaba ukuphumela obala kwaze kwabikwa isigameko sakamuva.”

Ilungu lomphakathi uMnu Mawande Mphithi uthe umphakathi usathukuthele kakhulu futhi uzimisele ngokubuyela ngobuningi enkantolo ngenyanga ezayo.

Umphakathi wase-Sugarbush uphinde wavala isonto likaPhakade i-God’s Power Community Church waxosha abazalwane.

Scrolla World Cup Quiz