Injabulo ibibhalwe emehlweni ngesikhathi iTottenham Hotspur ihlula iLiverpool 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Bekuwumdlalo oshube kakhulu e-Merseyside njengoba uhambo lwe-Tottenham Hotspur oluya e-Liverpool luphenduke injabulo kanti futhi lo iwona umdlalo abalandeli abaningi abawujabulele kule sizini.

Ukunqoba kwama-Reds ngamagoli amane kwamathathu kubasize ekubeni nemidlalo emine asebeyinqobile kwi-Premier League kulandelana kanye nomdlalo wabo wesithupha bengashawa, okubashiye besendaweni engaholela ukuthi bangene e-Europe kule sizini.

Izivakashi zithwale kanzima emizuzwini engu-15 yokuqala komdlalo, njengoba iqembu le-Spurs lenziwe labukeka njengezimfundamakhwela.

UCurtis Jones, uLuis Diaz kanye noMohamed Salah bashaye igoli basiza i-Liverpool yaba namagoli amathathu eqandeni yize kuphethe uRyan Mason njengamanje, akungabazeki ukuthi lo mdlalo wase-North London ubuzosikhumbuza ukuhlulwa ngamagoli ayisithupha eqandeni ngempelasonto edlule e-Newcastle.

Nakuba belingekho ithemba nenjabulo, kodwa lesi bekuyisikhathi esihle kakhulu seqhawe njengomdlali we-Spurs uHarry Kane.

Ukaputeni we-England ushaye into ecokeme edlula u-Alisson Becker phambi kwe-Kop ukuze amubeke endaweni yesibili ohlwini lwamagoli e-Premier League. Ukubuya kwakhe kube impumelelo nento encomekayo.

Imizuzwana embalwa ngemuva kwekhefu ibingeke iphazamise ithemba labadlali abakade bevakashile futhi bakukhombisile lokho njengoba umpetha wabo evele wagadla.

USon Heung Min ushaye igoli, kwaba amagoli amathathu kwamabili ngemuva kwalokho ibhola lawela kuRicharlison.

Owake waba umdlali we-Everton wenze kwaba amagoli alinganayo e-Anfield kwathula isixuku sasekhaya. Lo mdlalo ubukeka usuphelile, kodwa isahluko sokugcina besingakaphumi.

Ebhentshini bekunguDiogo Jota obejabulile kanti konke lokhu kwenzeke ngenxa yephutha likaLucas Moura, kodwa injabulo enkundleni ibinkulu kakhulu futhi bahlezi endaweni yesihlanu. 

Njengoba sekusele amasonto amahlanu emidlalo yesizini, i-Liverpool izobhekana ne-Fulham ngoLwesithathu kanti i-Spurs izokwamukela i-Crystal Palace ngoMgqibelo.

Isithombe esingenhla: UDiogo Jota

Umthombo wesithombe: @LFC

Izihloko zakamuva