Injabulo ibibhalwe emehlweni emcimbini weBushfire eSwazini

Lubhalwe nguThabiso Sekhula

Uma ufuna ukubona amandla omculo kufanele uvakashele e-Swaziland ngempelasonto ye-Bushfire ukuze ubone ukuthi abantu bazikhandla kanjani begibela izindiza ezihamba amakhilomitha amaningi beqe nemingcele ukuza kulo mcimbi .

I-MTN Bushfire Festival isingathe umcimbi ka-16 ngempelasonto e-Malkerns, eSwazini. Lo mcimbi uthathe izinsuku ezine futhi ubuyimpelasonto yobuciko obunezigaba eziningi. Kulo mcimbi bekukhona o-DJ, izimbongi, amabhendi, abaculi, abadwebi kanye nabadansi nokunye okuhlanganisa umculo.

Okuhle ngalomcimbi indlela abaculi abafike ngobuningi babo ngayo bevela emazweni ahlukene ase-Afrika ukuzohlanganyela ndawonye.

Sithulele isigqoko u-AKA esiteji se-hip hop, sadansa i-Wakanda noSho Madjozi, sacula noMaleh we-amphitheatre ehambisana no-DJ V (igama langempela uFillipa Mondlane), umzukulu kalowo owayenguMengameli wase-Mozambique u-Eduardo Mondlane. Kanti kuvele kwanomsindo abantu bejabula ngesikhathi u-uncle Karly waseSwazini edlala ingoma endala ye-kwaito esiteji.

Isipikili sokugcina bekuyibhendi ye-Brass Cartel e-Meisterhaus kanye nezingoma zabo ezimnandi eziyintandokazi, abantu bebedansa injabulo ibhalwe ebusweni.

Okwenze lo mcimbi waba impumelelo ukuletha izinto ezithandwa kakhulu abantu base-Afrika, ukudla, izingubo kanye nomculo.

Wonke umuntu besimamukela futhi ubevumelekile ukuzijabulisa. Njengomakadebona weminyaka emihlanu, kube yinto ethokozisayo ukubona lo mcimbi ukhula kusuka kwizinkulungwane zabantu iye kubantu abangu-20,000 abavela kuzo zonke izindawo emhlabeni.

Okunye okungijabulisile ukubona uNicki B wodumo weKaya FM enandisa esiteji esikhulu futhi ngiphinde ngahlabeka umxhwele umculi u-Angola Pongo. Ngiyafisa ukuthi ingoma yakhe ethi “Bruxos” uyizwe osukwini lapho ungekho khona emsebenzini uzihlalele nabangani bakho. 

I-Bushfire isikhombisa ukuthi umculo ungaba ithuluzi elinamandla lokuthuthukisa ezokuvakasha kanye nomnotho. 

Sikhokhiswe u-R100 emngceleni wezimoto ezincane. U-R100 we-sim card enedatha engu-5 GB namaminithi, u-R1,000 imali encane yokuthenga, isikibha nekepisi kanye nencwadi.

Sisebenzise mhlawumbe u-R2,500 uma kungenjalo ngokudla neziphuzo ngalezo zinsuku ezintathu, u-R80 wokucwebezelisa ubuso bami ngombukiso womcimbi, u-R100 wokushaja endaweni yokugunda, ukugunda izinwele u-R150 no-R100 uma udinga umuntu ozokwehlisela itende. Uphinde umnike u-100 ukuze akuphathele izikhwama usubuyela emotweni.

Le imali esiyisebenzisile thina. Kodwa abanye abantu bakhokhe u-R10,000 ngezinto ezahlukene futhi bezama zonke ezinye izindawo zokudayisa.

Lo mcimbi ubudinga umuntu ozodla umholo wakhe ngaphandle kokucabanga kabili. Ukuzisola okwangoMsombuluko.

Uma ufuna ukwazi ngamandla omculo, vele ubuze uhulumeni waseSwazini ukuthi ingakanani imali eyenziwa umcimbi womculo e-Afrika ngezindawo zokulala nezokungcebeleka njengoba kumanje indawo yokulala eseduze isinabantu abazibekele isikhala komunye umcimbi ongonyaka ozayo.

Isithombe esingenhla: Umcimbi we-Bushfire

Umthombo wesithombe: UPaul Paunde

Izihloko zakamuva