Menzi Magubane
I-Mamelodi Sundowns kudingeke ukuthi ilwe kanzima ukuze iphakamise isicoco sayo sesine se-DStv Premiership kulandelana.
Ngemuva kokukhala kwempempe emdlalweni wabo wokugcina ne-Royal AM eThekwini ngoMgqibelo umdlalo ubusuhlehliswe kabili.
Isimo sezulu esibi siqale sadala ukuhlehliswa komdlalo ngemzuzu engu-25.
Umdlalo ube usuhlehliselwa uMsombuluko.
Kungaleso sikhathi lapho i-Sundowns igcine ikwazile ukuphakamisa indebe ngemuva kokuhlula leli qembu laseThekwini ngamagoli amathathu kwamabili enkundleni yase-Chatsworth.
Umqeqeshi uManqoba Mngqithi ubengajabulile neze kulo mdlalo wesibili.
“Umdlalo ubumuhle kodwa sibe budedengu kancane. I-Royal AM ibingawunqoba lo mdlalo ngenxa yokudlala budlabha kwabadlali bami,” kusho uMngqithi.
I-Sundowns inqobe izicoco zeligi kulandelana iqeqeshwa uMngqithi ehambisana noRulani Mokwena noSteve Komphela ngemuva kokushiya kukaPitso Mosimane kumasizini amabili edlule.
Umdlalo wangoMsombuluko ubumayelana nokubona ukuthi umgadli we-Sundowns uPeter Shalulile uzoliphula yini irekhodi likaCollins Mbesuma lokuhlohla amagoli angu-25 ngesizini eyodwa.
Lo mdlali odabuka e-Namibia ugcine eshaye amagoli angu-23 wathatha isicoco sokuba ngumshayimagoli ovelele kwi-Premiership kule sizini.
UMngqithi uphatheke kabi ukuthi uShalulile akakwazanga ukuphula irekhodi leminyaka engu-17.
“Besilapha ukuzosiza uShalulile ukuthi aphule lelo rekhodi. Kodwa kwangenzeka, kodwa sijabule ngempumelelo yethu,” kuchaza uMngqithi.
Ukuwina kwe-Sundowns kusho ukuthi ngizophinde imele iNingizimu Afrika kwi-CAF Champions League ngesizini ezayo.
I-Sundowns inezicoco ezimbili kule sizini ngemuva kokuthatha isicoco se-MTN8 ekuqaleni kwesizini.
Isabheke ukuphakamisa esinye ngenyanga ezayo.
I-Sundowns izobhekana ne-Marumo Gallants kowamanqamu we-Nedbank Cup.
Umthombo wesithombe: @Masandawana