Dylan Bettencourt
Ngemuva kokumiswa kwemidlalo ngenxa yomngcwabo kaNdlunkulu kanye nekhefu lamazwe omhlaba, iPremier League yaseNgilandi isibuyile.
➤ Abalandeli bebhola banqatshelwe ukwenza okuthile ngoMandulo njengoba bekushone iNdlovukazi yamaNgisi u-Elizabeth II okuphoqe ukuthi kuhlehliswe imidlalo. Ngemuva kwalokho ikhefu lamazwe ngamazwe lishiye abalandeli befuna okungaphezulu.
Ukuze kuqalwe inyanga entsha abalandeli balindele impelasonto yesenzo esijabulisayo endaweni kanye nasemhlabeni wonke.
Emdlalweni we-Premier League ngempelasonto kuyaqala ngomdlalo wase-North London phakathi kwe-Arsenal ne-Tottenham Hotspur.
Iphuzu elilodwa kuphela elihlukanisa omakhelwane ne-Arsenal ehlezi phezulu bese kuthi i-Spurs ihlezi endaweni yesithathu.
Womabili la maqembu asefomini eyisimanga ngokuzishaya isifuba ngokubaluleke kakhulu ekuqaleni kwesizini.
I-Arsenal izokwamukela i-Spurs ngoMgqibelo ntambama lo mdlalo uzoqala ngo-1.30 uzovezwa bukhona ku-DStv channel 203.
Futhi kunento eyodwa kuphela engcono kulo mdlalo womkhaya. I-North London derby kanye ne-Manchester derby ezoqala ngeSonto.
Nakuba ukungqubuzana kwe-Manchester kungase kungabi nombango oseduze i-Manchester United iyiqembu elikhulayo futhi lizobheka ukucasula omakhelwane babo abanomsindo.
Ngakolunye uhlangothi i-Manchester City izodinga ukunqoba uma ifuna ukukhuphukela esicongweni kodwa i-United yagcina ukuhlulwa ku-Premier League emuva kwesonto lesibili likaNcwaba.
Ama-derby amabili amakhulu ebholeni lase-England ngempelasonto eyodwa ayivelakancane futhi abalandeli ngokungangabazeki bazophathwa kahle.
I-Manchester Derby izoba ngehora lesithathu ntambama ngeSonto kanti izokhonjiswa bukhoma ku-DStv channel 203.
➤ Umdlalo owandulela owamanqamu we-MTN8 uzokuba kule mpelasonto njengoba i-Orlando Pirates izobhekana ne-Mamelodi Sundowns ngoMgqibelo. I-Kaizer Chiefs ibhekane naMaZulu ngeSonto.
Kusayimlenze yokuqala kuphela kule midlalo, kodwa zombili lezi zinkunzi zase-Soweto mhlawumbe zizongena emidlalweni yazo njengezikhondlakhondla zokuthi zinqobe imidlalo yomlenze wesibili ekupheleni kwenyanga.
I-Pirates izobhekana ne-Sundowns ngo-3.30 ntambama ngoMgqibelo kanti i-Chiefs izokwamukela AmaZulu ngesikhathi esifanayo ngeSonto.
Yomibili eyandulela owamanqamu ye-MTN8 izobe ikhonjiswa bukhona ku-DStv channel 202.
➤ I-Formula 1 iyabuya ngemuva kwamasonto amabili futhi kule mpelasonto uMax Verstappen angase aphinde athweswe umqhele wokuba ngumpetha.
UVerstappen wawina umqhudelwano wakhe wokuqala wabashayeli e-Abu Dhabi emjahweni wokugcina wesizini nyakenye, kodwa kulokhu angakwenza e-Singapore sekusele imijaho eminingi. Uma umshayeli we-Red Bull ewina bese uCharles Leclerc we-Ferrari eqeda endaweni yesikhombisa noma ngaphansi ngeSonto uVerstappen uzophinde abe ngumpetha.
Lo mjaho uhlelelwe uhora lesibili ntambama ngeSonto kanti umjaho uzokhonjiswa bukhoma ku-DStv channel 215.
➤ Njengoba ibhola lombhoxo elivivinyayo lithatha ikhefu amasonto athile, i-United Rugby Championship izongena esicongweni esontweni lesibili. Njengoba i-URC ihlanganisa amaqembu asuka e-Europe nakuleli lesi isikhathi lapho amaqembu endawo ikakhulukazi abadlali bakuleli abangabonakali eqenjini lesizwe.
Ngesonto eledlule u-Evan Roos ushayele ama-Stormers i-try emangalisayo kwathi uChris Smith we-Bulls wakhombisa ngokusobala ukuthi usevuthwe kakhulu futhi angase abambe iqhaza ku-flyhalf ku-Handré Pollard ekupheleni konyaka kwi-Bok-tour e-Europe.
Ama-bulls azobe ebhekene ne-Connacht e-Loftus Versfeld, ngoLwesihlanu ngo-6.30pm.
I-Cardiff izobe ibhekene ne-Lions Cardiff Arms Park, ngoLwesihlanu ngo-8.30pm
I-Stormers sibhekane ne-Edinburg, enkundleni yaseKapa, NgoMgqibelo ngehora lesibili i-Dragons ibhekane nama-Sharks e-Rodney Parade Newport ngoMgqibelo ngo-8.30pm Yonke imidlalo ye-URC izoba bukhoma ku-DStv channel 211.
Umthombo wesithombe: @GettyImages