Injabulo iBanyana idlulela kowamanqamu

Dylan Bettencourt

IBanyana Banyana isidlulele kowamanqamu we-Women’ s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngemuva kokuthi ithole iphenathi emangazayo eyenze ukuthi ihlule i-Zambia emizuzwini yokugcina.

Bekungewona umdlalo esiwujwayele ovela kwiBanyana; iphenalthi ibingabazeka ngakho kumele babonge ngokufinyelela kowamanqamu.

I-Zambia ibizimisele ngokuvikela iphinde idlale ne-counter-attack, okukhombise indlela esebenzayo njengoba i-Copper Queens ithole amathuba angcono.

IBanyana ibihola phambili kulo mdlalo kodwa ihlulekile ukudlula udonga lwe-Zambia.

IBanyana ibingekho ezingeni layo eliphezulu lokuhlasela kulo mqhudelwano futhi kuphinde kwabonakala iqembu lingenaso isineke emdlalweni wesithathu wokugcina.

Ngesikhathi umdlalo usuya ngasemaphethelweni, i-Zambia ibibukeka izimisele ngokususa umsindo ifinyelele kowamanqamu we-Wafcon okokuqala ngqa.

Kodwa bekungafanele njengoba ngomzuzu ka-93, iBanyana ithole iphenalthi ngesikhathi uJerome Seoposenwe edlaliswe kabi emgqeni webhokisi.

Ngemuva kokuhlola i-VAR isikhathi eside, unompempe unike elakuleli iphenalthi kanti lokho kumangaze iqembu lase-Zambia.

ULinda Mothalo akazange akhathazeke isixakaxaka seqembu lase-Zambia, uvele wakhahlela iphenalthi eyenze ukuthi iBanyana ihlule i-Zambia.

Bekuwumdlalo onzima kakhulu kanti iBanyana iphoqeleke ukuthi ishaye igoli. Womabili la maqembu ebazi ukuthi igoli elilodwa nje kungaba yilona elinqumayo.

Futhi kubenjalo ngempela ekugcineni.

Okumqoka ngemuva kokuphela komdlalo ukuthi iBanyana izibekisele indawo kowamanqamu we-Wafcon.

Elakuleli seliphume isibili amahlandla amahlanu ahlukene kodwa kulokhu lizobe liphokophelele ukuqopha umlando nokuthatha lesi sicoco okokuqala ngqa.

Njengoba bebungaza ukungena kowamanqamu, iqembu libheke umdlalo ozobe uphakathi kwe-Morocco ne-Nigeria ukuze libone ukuthi yiliphi iqembu elizoma endleleni yabo yokuba yiqembu labesifazane elingcono kakhulu kuleli zwekazi.

I-Nigeria izothemba ukuthi izophumelela emzamweni wokuziphindiselela kwiBayana eyihlule emdlalweni wokuqala wamaqoqo kulo mqhudelwano.

Akukhathalekile ukuthi iliphi iqembu elizoba izimbangi, iBanyana izodinga ukuthuthuka uma ifuna isicoco nokuthi iphinde ibhale igama layo emlandweni.

Umdlalo wamanqamu uzoba ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku.

Umthombo wesithombe: @CAFWomen

Izihloko zakamuva