Lubhalwe nguRazeen Gutta
Izobhekisa amabombo ekhaya i-Morocco ngemuva kokushaywa iFrance ngo 2-0.
I-France isizwe nguTheo Hernandez kanye noRandal Kolo ukuze idlulele kowamanqamu ozoba ngeSonto njengoba bezobhekana ne-Argentina.
I-Atlas Lions iqophe umlando ngokuba semaqenjini amane okugcina futhi kube isimangaliso ngesikhathi izwekazi lase-Afrika limi ndawonye nezwe lama-Arab ekujabuleleni iqembu labo.
Isayidi likaWalid Regragui lidlale ngokukhulu ukuzimisela njengoba i-Morocco ibisebenza kanzima ukugcina ibhola ngakubo.
Iqembu likaDidier Deschamps alibanga nalo uzwelo ngesikhathi lihlasela nokuholele ekutheni uHernandez ashaye igoli lokuqala ngemizuzu emihlanu enkundleni yase-Al Bayt.
Emizuzwini eyishumi yokugcina uKolo we-France ulethe injabulo eqenjini lakhe le-Les Blues ngesikhathi lo mgadli wase-Frankfurt eshaya igoli lesibili ngemuva nje kokungena enkundleni.
I-France iyiqembu lokuqala eminyakeni engu-20 ukudlulela kowamanqamu kulandelana futhi izothemba ukuthi izoba izwe lesithathu kuphela emlandweni ukuvikela isicoco sayo.
Kodwa ozoma endleleni yabo kuzoba uLionel Messi njengoba bezobhekana neqembu lakhe enkundleni yase-Lusail kanti kuzoba umdlalo oshube kakhulu ngeSonto.
Isithombe esingenhla ngesikaRandal Kolo
Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup