Injabulo i-Fifa iqoka abesifazane ekubambeni iqhaza kweyoMhlaba

Dylan Bettencourt

Ngokokuqala ngqa emlandweni weNdebe yoMhlaba ye-Federation Internationale de Football Association (Fifa) ukuthi kube nonompempe besifazane abazodlalisa ngemuva kokuqashwa okuzoba inqophamlando okuhlanganisa noSalima Mukansanga wase-Rwanda.

NgoLwesine i-Fifa iqoke onompempe besifazane abathathu nabasizi abathathu ukuthi baphathe imidlalo yeNdebe yoMhlaba e-Qatar.

Kuqokwe onompempe abangu-36, abasizi bonompempe abangu-69 kanye nabaphathi bemidlalo yamavidiyo abangama-24 kulo mqhudelwano okuhlanganisa nonompempe waseNingizimu Afrika uVictor Gomes.

Ukuqokwa kwabaphathi bemidlalo besifazane abayisithupha kusho ukuphela kweminyaka engu-92 yokulinda owesifazane ozophatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba yabesilisa.

Onompempe besifazane abakhethiwe nguStephanie Frappart wase-France, uMukansanga wase-Rwanda noYoshimi Yamashita wase-Japan.

Abasizi bonompempe besifazane nguNeuza Back wase-Brazil, uKaren Diaz Medina wase-Mexico noKathryn Nesbitt waseMelika. 

Onompempe besifazane abanaso isiqiniseko sokuthi banethuba lokuphatha umdlalo.

USihlalo wekomidi lonompempe be-Fifa uPierluigi Collina uthe ukuqokwa kwabo sekuneminyaka kwaqalwa ukukhulunywa.

“Lokhu kuphetha uhlelo olude olwaqala eminyakeni eminingi edlule ngokujutshwa konompempe besifazane emiqhudelwaneni ye-Fifa yabesilisa abancane nabadala.

Ngale ndlela sigcizelela ngokusobala ukuthi le ikhwalithi ebalulekile kithi hhayi ubulili,” kusho uCollina.

Usihlalo wengeze ngokuthi amathemba e-Fifa ukuthi ukuqokwa konompempe besifazane emiqhudelwaneni yebhola lezinyawo yabesilisa kube into ejwayelekile.

“Kubafanele ukuba seNdebeni yoMhlaba ye-Fifa ngoba bahlale besezingeni eliphezulu futhi lokho into ebalulekile kuthina,” kusho uCollina.

Onompempe besifazane sebegqame kakhulu kulo mdlalo njengoba unompempe wase-Rwanda uMukansanga ophathe imiqhudelwano ye-Africa Cup of Nations (i-Afcon) okuyingqophamlando.

UFrappart noKateryna Mozul babe izikhulu zomdlalo wokuqala kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yabesilisa ngonyaka odlule.

Phakathi konompempe base-Afrika abazoya e-Qatar kukhona uJanny Sikazwe wase-Zambia owashaya impempe kabili ngaphambi kokuphela kwemizuzu engu-90 emdlalweni we-Afcon ngoMasingana.

Umthombo wesithombe: @ESPNFC

Izihloko zakamuva