Injabulo ezweni laseMalawi

Everson Luhanga

ULazarus Chakwera ube nguMengameli omusha waseMalawi ngeSonto, ngemuva kwezinyanga zemibhikisho yasemgwaqeni kanye nesinqumo senkantolo yomthethosisekelo yokhetho olusha.

Ukhetho oluphumelele nolunokuthula lwaseMalawi luhlabe umxhwele umhlaba wonke – futhi lwashiya iningi labantu baseMalawi bemamatheka.

Yize abantu baseMalawi abahlala ngaphandle kwezwe bebengavunyelwe ukuvota, izinkulungwane zabo zizwakalise ukujabula ngemiphumela.

Bekuyindlela enhle yokubuyisa iqembu eliphikisayo elixoshe uMengameli uPeter Mutharika, nokubuyisa amandla eqembu emuva kweminyaka engama-26 liphikisana namanye amaqembu.

Iqembu elawina futhi ebeliphethe iMalawi Congress Party, phambilini libuse eMalawi iminyaka engama-31 ngaphansi kukaMengameli wokuqala waseMalawi, uDkt Hastings Kamuzu Banda.

Njengoba ukuntula kuphezulu kakhulu nje, ikhona okuthumele izakhamuzi eziningi emazweni angomakhelwane njengo-Mozambique naseNingizimu Afrika ukuyofuna imisebenzi. UChakwera wethembisa ukuthi uzokwakhela izakhamuzi zakhe amathuba amaningi.

Izakhamuzi zaseMalawi ezihlala eNingizimu Afrika zipakisha izikhwama zazo zithi zibuyela ekhaya emuva kokuthi kuphele umvalelo futhi bavunyelwe ukuhamba. UJonathan Kamanga osehlale iminyaka engaphezu kweyishumi eNingizimu Afrika uthe ufuna ukubuyela ekhaya ayosiza ekwakheni izwe.

Izihloko zakamuva